Kufe osolwa ngokuphangwa kwemoto yemali KwaMashu
KUFE umsolwa oyedwa kwathi ababili balimala kanzima esimagekweni sokudubulana phakathi kwamaphoyisa kwabasolwa ngokugebenga izimoto ezithwala imali. Isehlakalo sokudubulana kwabasolwa
 namaphoyisa namaqembu onogada oGwini oluseNingizimu ne-KZN senzeke izolo.
Kulesi sigameko, abasolwa abathathu abatholane phezulu nemboko ebomvu, bebemataniswa nesigameko sokugetshengwa kwemoto ethwala imali esenzeke esigcemeni wakwaL kwaMashu ngesonto elidlule.Â
Amalungu ethimba le-SAPS Provincial/District Tracking and Tracing Team, Umzinto K9, kanye ne-ET Rapid Response TRT abelandela imininingwane mayelana naleli qembu lezigelekeqe.
Ngokwemikhondo amaphoyisa abeyilandela, lezi zinswelaboya kuthiwa bezilibangise ndawana thize neXobho.
Ngesikhathi ithimba liphenyisisa endaweni yasePhungashe libone imoto okukholakale ukuthi ngeyabasolwa. Le moto kukholakala ukuthi yiyo futhi eyasetshenziswa ngesikhathi kubanjwa inkunzi kwaMashu.
Abasolwa babe wukubona ukuthi baphelelwe amahlathi, kuthiwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.
Ngokombiko wamaphoyisa, kuthiwa abasolwa bezame ukubaleka, kodwa badutshulwa ngesikhathi bedubulana. Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili.
Imoto iToyota Urban Cruiser isihlonzwe njengenye ethathwe esigamekweni sokudunwa kwemoto eMlazi yasetshenziswa ngesikhathi kugetshengwa imoto yemali kwaMashu.
Nakuba kufe umsolwa oyedwa kodwa abanye abasolwa ababili bagcwele amathafa.

