USomizi ukhala ngesidina sabalandeli baSweet Guluva
ISILOMO somsakazi uSomizi Mhlongo useziphendulele kubalandeli bentandokazi kwiBig Brother Mzansi abamcela ukuthi avotele isithandwa sabo.
USomizi ukhiphe ivideo etshela abalandeli baSweet Guluva ukuthi sebemume emphinjeni ngomkhakhaso wabo odinayo.Â
” Bantu bakaSwet Guluva , abanye bethu abayibheki iBig Brother kodwa sesiyazi ukuthi kukhona lo Sweet Guluva wenu,” kusho uSomizi.
Uqhube wathi indlela abalandeli baSweet Guluva abafuqa ngayo umkhankaso kuzo zonke izinkundla zokuxhumana isibanga isidina.
Uthe lokhu kuzodala nokuthi abanye bangamvoteli ngenxa yokudinwa yikho lokhu.Â
“Nizomumoshela amathuba agcine engawinanga ngoba nibanga isidina ngokuphawula kwenu nisitshela ukuthi simvotele,” usho kanje.
Uvatela kanjena nje uSomizi yingoba leli yisonto lokugcina lwalolu hlelo. NgeSonto uSmash Afrika uzomemezela ozonqoba kulolu hlelo. Lowo uzowina isamba sikaR2 million.Â
Akumangazi uma bonke abalandeli balabo abasendlini kaBig Brother Mzansi bekhankasa ngokwedlulele. Ngesikhathi uhlelo luqala ngoJanuary 15 nonyaka abadlali babengu-24 kanti manje kusele abahlanu kuphela.
Ngaphandle kukaSweet Guluva, abanye ababheke kowanqamu ancintisana nabo ngu-Uyanda Hlangabezo, Nsuku Mabunda, Jojo Sejojo noNate Setwaba.
Usuku lwanamuhla ngolokugcina lokuvota.
Buka ivideo:

