Ezokokungcebeleka

Akudikizi nqulu kuSomizi kolwabalandeli baSweet Guluva

USAZIWAYO uSomizi Mhlongo uzifake zonke enyameni kubalandeli baSweet Guluva abasola ngokumxhaphaza ngoba naklkhu befuna avotele isithandwa sabo.


Uthe abahambe bayozihenga uma bethanda kodwa okusalayo ngeke ayenze intando yabo.


Ukhuluma kanjena nje uSomizi kulandela ukunakashelwa kwakhe nabanye osaziwayo ngabalandeli baSweet Guluva bemnxexela ukuba bamvotele.


Uhlelo iBig Brother Mzansi selufika esiphethweni njengoba luzophela ngeSonto.

Akumangazi ukubona ixhala kubalandeli balabo abancintisanayo endlini kaBig Brother. Bafisa izintandokazi zabo zinqobe uR2 million.


USomizi obukeka enengeka yilokhu ukhiphe ivideo yesibisili ngalolu daba. Uthe laba balandeli sebajwayela osaziwayo abangenamgogodla nabesaba ukuzimela.


Uthe kuyena akudikizi nqulu kunalokho abahambe bayozihenga esihlahleni uma bethanda.

” Senajwayela osaziwayo abangenamgogodla nabasaba ukuzimela. Ngeke nikwenze lokho kumina ngizonitshela nje uma ngingahambisani nento senizongixhaphaza-ke ningisabise ngokuthi ngeke ningeseke ngoba nakhu ngingusaziwayo,” kusho uSomizi.

Uqhube wathi : “Ngeke ngikuvumele nje ukuxhashazwa yinina balandeli baSweet Guluva ngivotele umuntu noma into engingayazi nengingayibuki.

Ngoba nakhu ngingahambisani nani senizongisabisa-ke ngokuthi ngoba nakhu ngomhlaka 28 ngethula ngokusemthethweni noma nithi niyazi ukuthi kunekhonsahi engizoyenza ngakho ngeke sikweseke?  Ake nithule nibheke,” kusho uSomizi.


Uqhube wathi laba balandeli kufanele bazi kuthi abasibo vele abantu bakhe ababhekile.


” Uma ukweseka kwenu umuntu kuza nemibandela enokuxhaphaza nokusabisa umuntu ningamane nikugcine kunina. Abantu bami bazongeseka vele anisibo abantu bami nina, Aningenzanga lo muntu engiwuyena namuhla,” kubeka uSomizi..

USomizi ube esesebenzisa leli thuba ukwazisa abangazi ukuthi kuyiqiniso ukuthi ngo-August uzoba nomcimbi ozobizwa ngeSomizi Shades of Pink.


Upiklele laba balandeli baSweet Guluva ngokuthi uzoba yimpumelelo.

” Hambani niyozihenga esihlahleni. Anginidingi, ngiyabazi engibadingayo,” kuphetha  uSomizi.