IsiNgisi sikaNyawo sesizozwakala engomeni yePiano
INTANDOKAZI yomlingisi woZalo lwakuSABC1 isingene emculweni wamaPiano.
UCebolenkosi “Mr Vibe” Mthembu waseManguzi kwaMhlabuyalinga osezakhele ugazi ngokudlala indawo kaDectetive Nyawo kuZalo, usekhethe ukubuyela emculweni ngesigqi esisematheni samaPiano.
Echazela Ezisematheni, uMr Vibe uthe uthathe ingoma yakhe endala esihloko sithi “Vay’ Vayi” ayiqopha wayikhipha ngo-2011 ngaphansi kwe-albhamu ethi “Dongwe Lami” wayithaka kabusha.Â
Ube eseyipha isihloko esithi “Unequicocally iVay’ Vay”.
” Ngesikhathi ngiyikhipha ngo-2011 yayishaya ngesigqi se-Afro pop kodwa manje ngishintshe okuthile kuyona ukuze ihambisane nesikhathi samanje,” kusho uMr Vibe.
Phakathi kwakushintshile, uthe ngaphandle kwesigqi asesenze sangesamaPiano, uphinde wapika uCsana, Uphinde wayifaka nesingisi esinamagama angamagabadi avame ukusikhuluma kuZalo ukwenza ingoma izoyize.
Uthe okwenze wayenza kabusha yingoba abantu abaningi bayayithanda futhi useke wanandisa eyicula ezindaweni eziningi.
Uveze nokuthi kuzona zonke ake waziqopha ibalulekile futhi uyithanda kakhu. Yingakho kumjabulisa ukuzwa abanye bembiza ngoVay’Vay.Â
Mayelana nokufaka isingisi sikaDetective Nyawo kule ngoma, uthe kamuva kunamaciko amaningi abalokhu bempika ezingomeni zabo befisa azoshaya sona lesi singisi sakhe ezingomeni zabo.
Uthe ubone kahle ukuthi akaqale asifake kweyakhe ingoma kuqala. Le ngoma ikhishwe ngaphansi kwesitebele iSneTech Media.
Okumjabulisayo kakhulu wukuthi yize isanda kuphuma le ngoma kodwa isiqalile ukudlalwa yimisakazo emikhulu.UMr Vibe uyaziwa ngokukhuthala nokusebenza kanzima.Â
Ubufakazi balokhu wukuthi ngaphandle kokulingisa kweyeshashalazi nakwithelevishini, uphinde abe ngumculi weClermont Choir Foundation, Electrician Technician nomgijimi osemthethweni.

