Kubuye ithemba iSupersport imemezela u-Arendse njengomqeqeshi obambile
UFAKWE amasondo umqeqeshi weSuperSport United FC uGavin Hunt.
Isitatimende esikhishwe yiSupersport United FC siveze ukuthi leli qembu ngokubambisana noHunt baginyelele esiviumelanweni sokuthi bahlukane ngokushesha.
Nakubakushiwo njalo, kunezinsolo zokuthi ukungenzi kahle kukaHunt enkundleni yisona sizathu esiholele ekugqbukeni kwegoda.
Ngokwesitatimende, emhlanganweni webhodi obekhona izolo, ibhodi yaleli qembu lidlulise okukhulu ukubonga kuHunt ngomsebenzi awenzile esebenza kuleli qembu eqshwe njengomqeqeshi omkhulu eminyakeni edlule.
“Sisaqiniseka ukuthi uGavin usenokuningi okumele akufake ebholeni laseNingizimu Afrika nase-Afrika uma kubhekwa ulwazi lwakhe olunzulu kanye nesipiliyoni.
Sizohlala sibonga umthelela abe nawo eqenjini nasebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho isitatimende.
ISupersport isebenzise leli thuba ukumemezela ukuthi u-Andre Arendse uzosebenza njengomqeqeshi oyiNhloko wesikhashana nomqeqeshi wonozinti uGrant Johnson njengomsizi wakhe.
ISupersport ibe isiifisela umqeqeshi uHunt okuhle kodwa njengoba sebehlukene.

