Ezomhlaba

Umlando iNamibia ikhetha umengameli wesifazane wokuqala ngqa

UNetumbo Nandi-Ndaitwah ugcotshwe njengomongameli wokuqala wesifazane waseNamibia.

Ugcotshwe njengomengameli wesihlanu waseNamibia kanye nenhloko yezwe yokuqala wesifazane emlandweni waleli lizwe.

Lo mcimbi osaqhubeka namanje (ngesikhathi sokuloba) wenzeka eState House eWindhoe kanti futhi uhambisana nemigubho yoSuku lweNkululeko njengoba sekuphele iminyaka engu-35 lakhululeka ngaphansi kombuso wobandlululo weNingizimu Afrika ngo-1990.

U-Nandi-Ndaitwah 72), ungena esikhundleni sikaNangolo Mbumba, obebambe njengomengameli wesikhashana ngemva kokushona kukamengameli uHage Geingob ngoFebruary ngonyaka odlule.

Umengameli ophumayo uNangolo Mbumba (83) unikeze uNandi-Ndaitwah izintambo zamandla emcimbini obuqondane nokugubha iminyaka engu-35 iNamibia yathola inkululeko futhi wasuswa e-Independence Stadium wayiswa eState House ngenxa yezimvula ezinamandla ezingandile.

Kwaduma ihlombe kwaqhuma phezulu njengoba i-NNN, njengoba uNandi-Ndaitwah aziwa kanjalo, ufungile esikhundleni sakhe.

Enkulumweni yakhe yokuqala, uNandi-Ndaitwah uvumile ukuthi uukukhethwa kwakhe kube yingqophamlando. Uphinde wathi abantu baseNamibia bamkhethe ngenxa yekhono lakhe kanye nokufaneleka kwakhe.

Wengeze ngokuthi yize izwe liyibonile inqubekela phambili kusukela lathola inkululeko kodwa kuningi okufanele kwenziwe.

Phambilini esikhundleni sokuba yiphini likamengameli isikhathi esingangonyaka, uke waba nomakadebona weSouth West Africa People’s Organisation (SWAPO) eyahola leli zwe elinabantu abambalwa futhi elicebe nge-uraniu.

UNandi-Ndaitwah uthole amavoti angama-58% okhethweni olwalunezinxushunxushu lwangoNovember nyakenye. Lolu khetha lugcine lunwentshwa izikhathi eziningi.