Ezokokungcebeleka

Umlingisi ubhekene nezinsolo zokuntshontsha ilipstick

INKAKHA yomlingisi uNambitha Mpumlwana ivele phambi kwenkantolo yemantshi izolo ngezinsolo zokuntshontsha ama-lipstick.


UMpumlwana kuthiwa ungaphandle ngebheyili kaR1,000 ngenxa yezinsolo zokweba esitolo esidumile kuleli.


Umbiko wephephandaba iSunday World uthi, uMpumlwana, owalingisa emdlalweni owuchungechunge weShowmax iSoft Life neGenerations kuSABC1 ubanjwe ngamaphoyisa aseRandburg ngezinsolo zokweba ilipstick ebiza R160 eDis-Chem eFerndale Mall. 


Iphoyisa elingathandanga ukudalulwa njengoba lingavunyelwe ukukhuluma nabezindaba, lithe lithole ucingo kubaphathi beDis-Chem mayelana nomlingisikazi oqavile obanjwe eqopha esitolo.

Iphoyisa liqhube lathi, lo owayengumlingisi weGenerations wabachazela ukuthi akazange agcobe ilipstick. Uthe kube wukudidaniseka kwezinto. 
Nokho, abaphathi besitolo batshele amaphoyisa ukuthi uMpumlwana kungcono ayochaza phambi kwemantshi yomthetho.


Lesi sihlabani sathweswa icala lokweba esitolo wabe esededelwa ngebheyili. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg izolo. Icala lihlehliselwe uMay 2, lapho kulindeleke ukuthi abuzwe ukuthi uyaphika noma uyalivuma icala. 


Iphoyisa elipotshozele iphephandaba, lithe uMpumlwana uthe akawagcobanga ama-lipsticks. Liqhube lathi, umsolwa uthe uzokhuluma enkantolo ngoba ubevele eboshiwe.


Umseshi uthe ezikhathini eziningi, ezinye izitolo ziyamvumela umsolwa ukuthi agoduke. Baphinde babaxwayise ukuthi bangakuphindi abakwenzile bese bebavumela ukuthi bagoduke. Nokho bekungenjalo ecaleni likaMpumlwana.


 “Ngicabanga ukuthi bebefuna ukumfundisa isifundo futhi bathumele umyalezo kwabazoba amasela. 

Nabo bebezobhekana nesiphetho esifanayo, kungakhathalekile isimo sabo emphakathini, uma benza ubugebengu obufanayo,” kusho iphoyisa.

Ukuqinisekisile ukuthi waboshelwa ukweba esitolo. 


Ethintwa uMpumlwana uthe : ” Kube wukudideka kwezinto nje. Kodwa ngithumelele lokhu enifuna ukukwazi nikubhale phansi ukuze abaphathi bami bezokwazi ukuphendula,” esho. 

Nakuba esho kanje kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakaphenduli.