Lubhekwe ngabomvu uNyazilwezulu eTehuis
KULINDELE ukuthi kutheleke izinkumbi zabantu eTehuis eMlazi ukuzobona umholi wamaNazaretha.
Umholi uMduduzi uNyazilwezulu Shembe wamaNarezetha ohlangothini lwaseBuhleni, uzoba kule ndawo ezobona aphinde akhulekele abantu.
Lolu hambo lungolubalulekile njengoba kungewona kuphela amaNazaretha azobe ekhona kodwa nezivakashi ezivela kwabanye amabandla.
Lokhu kuqinisekiswe nangokhulumela ibandla laseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe.
Uthe amalungiselelo aqale asehambe ibanga elide njengoba kukhona abalele khona kule nkundla.
Uthe abanye bamatasa bayapheka ukuze bonke abazophumelela bezokwazi ukuthola okokumaya.
” Le nkonzo ibalulekile kakhulu ngoba inkosi isuke izobona, ibusise iphinde isize abantu abanezinkinga ezahlukene. Ngaphandle kwalokho kusuke kukhona nabasuke benezizathu zabo ezahlukene ezisuke zibalethe enkonzweni. Bonke bamukelekile inkosi ayikhethe bala lamuntu,” kusho uMncwabe.
Uthe kungaba yiphutha ukungadlulisi ukubonga kubo bonke abelule isandla nabenze isiqiniseko sokuthi konke kuhamba ngohlelo. Kulabo ubonge kakhulu abesitolokazi sakwaSpar eMega City, athe bagile izimanga benikela ngokudla.
Le nkonzo yenziwa minyaka yonke ngalesi ngale nyanga kaMarch.
Umehluko kulo nyaka iNkosi uNyazilwezulu luqale eMtata njengoba lugcine eMlazi.

