Ezokokungcebeleka

Bekukuhle kudelile emshadweni kaZozibini Tunzi

BEZIWUSHAYA phakathi kwalowo owayengizime wakuleli uZozibini Tunzi noLuthando Bolowane eKapa izolo.

UZozibini waba nguMiss South Africa ngo-2019 wathatha izintambo kuTamaryn Green. 

Ngawo lowo nyaka wanqoba kwesokuba wuMiss Universe womhlaba wonke.

Ngaphandle kwalokho uke wathi xinti kwifilimu iWoman King nokuyinto eyajabulisa abaningi kuleli.

Ngaphandle kwemindeni yabo bobalini abebeshada, bekukhona izicukuthwane okubalwa kuzona umlingisi weSibaya uNomzamo Mbatha nowayengumdlali wekaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala nomlingisi uConnie Ferguson.

Laba bobabili bashade umshado omhlophe kanti kulindeleke ukuthi namuhla kube nomabo eTsolo e-Eastern Cape. Phezu kokuba lomshado ubugcinwe wayinto yangasese yaziwa ngabathile abambalwa kodwa kuthiwa amagunya okusakazwa kwawo anikwe inkampani ethile okuyiyona ezowusakaza,

Akuqali ngalabosaziwayo ukuthi umshado ugcinwe uyimfihlo,

Lokhu kuyinto ejwayelekile kosaziwayo ukugwema iziphithiphithi nokudayisela abezindaba abathile igunya lokuwusakaza njengoba kubonakele kubantu abafana noMinnie Dlamini noSomizi Mhlongo.