Ezokokungcebeleka

Ibhekwe ngabomvu ivideo entsha kaZola 7

ABALANDELI besihlabani somculi ophinde alingise uZola 7 bamxine ngendlela exakile ukuthi akhiphe ivideo yengoma yakhe entsha esihloko sithi iMbube.

UZola 7 ogama lakhe langempela uBonginkosi Dlamini, usematheni kulezi zinsuku ngenxa yengoma yakhe entsha napike kuyona uBerut ethi iMbube. 

Isiqalile nokwenza kahle njengoba idlalwa ubuthaphuthaphu emisakazweni emikhulu kuleli.

Kulezi zinsuku uZola ulokhu ethi gabigabi kubalandeli bakhe njengoba eveza iziqeshana zalapho esuke eqopha khona ivideo yale ngoma ebhekwe ngabomvu. Kusobala ukuthi balinde aveze usuku lokuyidedela.

Kwesinye seziqubu esithakaselwe ngabaningi abebembukela ngesikhathi, kubonakale kufika inkakha yomlingisi uChester Dlamini onguyise wesihlabani samazwe ngamazwe uDoja Cat.Kuzokhumbuleka ukuthi uChester noZola 7 banomlando omuhle wokusebenza ndawonye.

Bahlaba umxhwele wababukeli ngesikhathi belingisa kwiYizo Yizo eminyakeni eminingi edlule.

Mayelana nengoma ethi iMbube, ingenye yezingoma ezithathwa njengegugu kuleli njengoba kwagcina kunomunxa yomculo owaqanjwa ngayo. Yalotshwa wuSolomon Linda ngo-1933. 

Isiculwe ngabaculi abaningi kusukela kwabakuleli kuyoshaya kwabamazwe ngamazwe.

Phakathi kwalabo baculi bakuleli kubalwa uMirriam Makeba neLadysmith Black Mambazo.Â