Isifike kuR140,000 imali ephiwa u-Uyanda weBig Brother
ILOKHU ingenile iminikelo ehlanganiswa ngabalandeli ba-Uyanda Hlangabezo ozakhele ugazi ohlelweni iBig Brother Mzansi.
Ngesikhathi sokuloba lolu daba, imali ebesihlanganisiwe ibisifinyelele kuR140,000 futhi kubukeka isazonyuka ngesikhulu isivinini.
U-Uyanda ulale isibili kulolu hlelo kwathi uSweet Guluva waseNquthu wangumnqobi kulolu hlelo.Â
Selokhu umethuli walolu hlelo uSmash Afrika ememezele lemiphumela abalandeli ba-Uyanda abaziwa ngamaHoney Badgers, bebone kukuhle ukuthi benze into encane ezomjabulisa.
Intandokazi yabantu uMandisi Ntshingana osezakhele igama ngokukhathalela abantu, uzibambele mathupha.
Nguye owenza isiqiniseko sokuthi imali ezohlanganiswa ifinyelela kahle ku-Uyanda. Kulokhu uwazisile umndeni nethimba lika-Uyanda ngalokhu okwenziwayo.Â
Kungumkhuba ojwayelekile nokho ukuthi abalandeli bahlanganise izipho neminikelo yabalabo ababesekayo uma sebephume kulolu hlelo.
Isizathu salokhu esimqoka wukuthi ngaphandle kwalowo osuke enqobe uhlelo, abanye bavame ukubuya beshwiba izandla.Â
Kuba kubi kakhulu uma kungekho mali abayinqobe emidlalweni esuke ihlelwe ngaphakathi wuBig Brother nesuke ihambisana nemali.Â
Ngenxa yokuzimisela, u-Uyanda ukwazile ukuwina izikhawu ezintathu imali engu-R5,000 ngokunqoba imidlalo yeFriday Night Game exhaswe ngabakwaLotto Star.

