Kuboshwe ababili ngezinsolo zokukokotela izitifiketi zikaMatric
KUBOSHWE abasolwa ababili ngokubandakanyeka ekukokotelweni kwezitifiketi zika-matric.
Lokhu kulandela umkhankaso obe yimpumelelo wophiko oluphenya ngamacala obugebengu loKlebe.
Lokhu kuboshwa kwenzeke ngoLwesine olwedlule enkabeni yedolobha eGoli.
Ngokombiko wamaphoyisa ukuboshwa kwabasolwa kube ngemuva kokuthi iphoyisa libone okusolisayo ngesikhathi lisesitodlwana i-internet cafe.
Umbiko uqhuba uthi, abasolwa batholakale beshintsha futhi behlela isitatimende semiphumela ka-matric kanjalo nesitifiketi esakhishwa ngo-2014.
Kukholakala ukuthi ukuhlanekezela kwalokhu bekuhloswe ngakho ukuveza iziqu zokungenela e-university.
Imishini kagesi esetshenziswe ebugebengwini, okuhlanganisa ikhompuyutha nomakhalekhukhwini, kuthathwe ngamaphoyisa ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Abasolwa, uDimakatso Papo (30) noLebohang Mokgadi (24) baboshwe ngenxa yalokhu.
Abasolwa bavele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla ekuseni. Banikwe ibheyili kaR500 umuntu ngamunye.
Icala lihlehliselwe u-April 7 nonyaka kanti amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
OyiNhloko yoKlebe esiFundazweni saseGauteng, uMajor General Ebrahim Kadwa ugcizelele ukubaluleka kwale mpumelelo, wathi, “Amacala afana nalawa abukela phansi ukwethembeka kwemfundo yethu nokusebenza kanzima kwenqwaba yabantu baseNingizimu Afrika. Ngeke sikubekezelele ukukhohlisa okunjalo futhi sizoqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.”

