UBrenda Ngxoli nesithombe esisuse umsindo
INTANDOKAZI yomlingisi yakuleli isisuse umsindo ngokufaka izithombe zayo igqoke kancane.
UBrenda Ngxoli ufake izithombe ezintathu lapho egxoke okuveza umzimba waze waveza izingxenye ezithile zomzimba.Yize izithombe zakhe zibukeka zingenye yezingxenye yobuciko nokuyinto ayiyona uBrenda.
Lezi zithombe ezintathu ziveza uBrenda egqoke isikhindi esiwusheqe nesincane ngendlela exakile kangangoba siveza izithende zezinqe.Â
Ngenhla ufake ijacket yeLeather emnyama, evuliwe ngaphambili,yase iveza amabele kanti ubhodisi akawugqokile.
Ngezansi kwesithombe uBrenda ubhale ukuthi : ” Ngizophila impilo yami ngendlela yami. Uyagcwala awugcwali indaba yakho leyo.”
Ubuncane besikhindi sakhe yikho osekudale ukukhuluma kakhulu njengoba siveza izithende zeziqa nezindawo ezithile zangaphansi.
Yize bekhuluma abantu ezinkundleni bephawula ngalesi sithombe, okugqama kakhulu wukuthi uBrenda ubukeka enokuzethemba futhi engenandaba nemibono ngesithombe sakhe.Â
Kwenzeka lokhu nje, uBrenda usanda kuba sematheni ngokuphumela obala ngokungaphatheki kahle okukhona emndenini wakhe.
Kulapho ethole khona ukwesekwa kakhulu ngumphakathi noze wacela ukumesula izinyembezi ngokumupha imali.

