Ugwetshwe ishumi leminyaka oweForex waseThekwini
UGWETSHWE iminyaka eyishumi ozakhele udumo ngokuhweba ngeForex.
UMfundo Manci (33) waseThekwini nobeyisikhulu esiphezulu enkampanini yakhe i-Crypto Mzansi Group (PTY) LTD, ugwetshwe ngenxa yokulahlwa amacala okuqola nokudukisa amakhasimende ngokuthembisa inzuzo ephezulu.
UMfundo Manci uvele eNkantolo yaMacala oChwepheshe eDurban Specialised Commercial Crimes namuhla, lapho kukhishwe khona isigwebo.
UManci walivuma icala ngaphansi kwesigaba 105 soMthetho Wezinqubo Zobugebengu, njengengxenye yesicelo sakhe nesigwebo sakhe nenkampani yakhe, i-Crypto Mzansi Group (PTY) LTD.
Uwavumile amacala amaningi, okubalwa awokukhwabanisa, ukwephula umthetho iBanks Act, Financial Advisory and Intermediary Services Act, nePrevention of Organised Crime Act.
UManci wenze ubugebengu bokuqola ngeCryptocurrency phakathi kukaJune 2020 noApril 2021.
Okhulumela iNational Prosecution Authority (NPA) uNatasha Ramkisson-Kara, uthe njengengxenye yesivumelwano sikaManci nokukhipha isigwebo, wonke amacala okukhwabanisa abekwe wona ahlanganiswe.
Ukuhlanganiswa kwawo kuzokwenza ukuthi isigwebo asiqhube ngesikhathi esisodwa.
Ngokusho kwe-NPA, uManci wayengumhwebi obephinde athenge i-cryptocurrency.
Kuthiwa kulapho eqale khona uhlelo lokutshala imali oluhlukene kabili – olwesikhathi esifushane nolwesikhahi eside. Konke lokhu bekuthembisa inzuzo enkulu.
Ukwazile ukuthola usizo lwabesifazane ababili ayebazi futhi wabazisa ebhizinisini lokuhweba nge-inthanethi.
UManci wabatshela ukuthi ufuna bakhangise ibhizinisi lakhe lokutshala imali futhi wabatshela ukuthi uma bedlulisela ikhasimende ukuze litshale imali bazoyithola ikhomishini. UManci wabe esebhalisa i-Crypto Mzansi Group (PTY) LTD futhi wavula ama-akhawunti emabhange ahlukahlukene.
Laba besifazane ababili ababengalwazi lolu hlelo banxenxa abatshalizimali. UManci uphinde waqasha abatshalizimali abaxhumana naye ngqo.
Ngenkathi abanye abatshalizimali bethola inzuzo ekutshalweni kwabo, bakhokhelwa ngemali yabanye abatshalizimali. UManci akazange ayitshale imali ayitholayo wavele wazihwebela yena kuphela.
URamkisson-Kara uthe kunesikhathi la uManci athatha indiza yaya eKapa ngohambo lwebhizinisi. Ngaleso sikhathi umndeni kaManci nabatshalizimali babhekana nenkinga yokuthi bangamtholi ndawo
Lokhu kwenze umndeni wakhe umbike njengomuntu olahlekile. Ngalesi sikhathi uManci wayezitamuzela imali yabatshalizimali. Ngakolunye uhlangothi abatshalizimali bamvulela amacala obugebengu.
“Ngo- August 22, 2022, i-Asset Forfeiture Unit (AFU) ye-NPA yathola incwadi yokulondoloza, ivala wonke ama-akhawunti asebhange kaManci.
“Ebona ukuthi imali yakhe yomile nokuthi ama-akhawunti akhe avaliwe, uManci wazinikela ezikhulwini zaseKapa, ​​icala labe selidluliselwa eThekwini. Umyalelo we-AFU wabe usuphothulwa, wathola u-R4.5 million kuManci,” kusho uRamkisson-Kara.
U-Advocate Nhlakanipho Selwyn Mzulwini, omele umbuso, uphothule udaba lobugebengu, kwathi u-Advocate Sipho Nkosi wabhekana nezicelo ze-AFU.

