Izindaba

Uqhulule izingoma zothando wayesezama ukuzibulala

UVULELE phezulu kakhulu ingoma yothando owesifazane okukholakala ukuthi ubezama ukuzibulala ngenxa yomjolo.

Zithwale kanzima iziphathimandla zakwaReaction Unit South Africa (RUSA) ngesikhathi owesifazane okukholakala ukuthi ubezama ukuzibulala ezikhiyele ngqi endlini maqede wadla inqwaba yemithi.

Namuhla ntambama lezi ziphathimandla zishayelwe izingcingo womakhelwane abaningi ukuba ziphuthume emzini ose-Oakford ukuba zizosindisa umphefumulo wowesifazane wakhona.

Ngokombiko okhishwe abakwaRUSA, omakhelwane bebebika ukuthi lowesifazane obeqhulula izingoma zothando, usezinhlelweni zokuqeda ngempilo yakhe.

Ngesikhathi betheleka kulo muzi, amaphoyisa afice umculo ukhala obuqhuma phezulu. Bekudlala ingoma kaCeline Dione noR. Kelly ethi “Angel” futhi kunowesifazane obequlekile elele phansi. 

AbeReaction Officer bathwale kanzima ngoba baphoqeleke ukuthi bagqekeze isango lesicabha ebelikhiyiwe ngaphakathi kulo muzi.

Basebenzise izindlawu namathuluzi ahlukehlukene ukukwazi ukuthi bangene kulo muzi bahlenge impilo yalo wesifazane.

Ngemuva komzukuzuku, bagcine bengenile endlini bathola owesifazane elele phansi ekhishini.

AbakwaRUSA bebengakayitholi imininingwane okwamanje kodwa bazisiwe ukuthi lo wesifazane ubehlala nentombi yakhe emagcekeni.

Intombi ibingekho endaweni yesigameko ngesikhathi sesigameko.

Buka ivideo: