Akanabo ubuzwe baseMzansi ofuna leli lizwe lihlukaniswe kabili
Umholi weqembu lezepolitiki osezakhele isigcwagcwa ngokufuna iWestern Cape iphume ibhodwe izimele, akanabo ubuzwe balapha eNingizimu Afrika.
Lomantuntanendishi ofuna iNingizimu Afrika ihlukaniswe nguCraig Phil nongumholi weCape Independence Advocacy Group (CIAG).
Lezi zindaba ezishaqise abaningi ziqhuba ziveze ukuthi osozimali usehlale dekle kuleli iminyanga engaphezu kwengu-20 ngaphandle kwenkinga.
Udaba lokuthi akanasicucu sokuba kuleli luvele ngesikhathi egxeka uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokungamniki ubuzwe.Â
Ukhuluma kanjena nje uCraig, kuvela ukuthi ubuzwe anabo ngobaseBritain.
Yize kunjalo kodwa ubukhona bakhe kuleli sekudale izinxushunxushu njengoba yena neqembu lakhe bematasa benxenxa umengameli wase-United States of America (USA) nohulumeni wakhe ukuba bangenelele odabeni lokuhlukaniswa kwaleli zwe izingxenye ezimbili.
Uma lesi sifiso sikaCraig nabalandeli bakhe siphumelela ngeke kusabalula ukuvakashela iWestern Cape uma uvela kwesinye isifundazwe njengoba usuzodinga ukungena khona ngamaphepha okuvakasha.
Ukuvela kodaba lokungabi nabuzwe kukaCraig kucasule abaningi abahumushe lokhu njengokuthi ukunethezeka kwakhe kuleli kudalwe yibala lakhe. Abanye bathi ukube ubenebala elinsundu ngabe kade athathelwa izinyathelo noma wafudukeliswa kwelakubo.
Intukuthelo ngalolu daba isiyenze kwanabasayina i-pertition ehambisana nesikhalo. Amagama abantu asebenzibophezele basayina befisa uCraig athathelwe izinyathelo ezifanele sezevile ku-50,000.
Incwadi yezikhalazo ikhala lusola uCraig ngokungaqondi nangokungahloniphi ubumbano kubukela phansi ubumbano kanye nenqubekelaphambili yalo ebunyeni bezinhlanga.
“Ukudingiswa kwakhe eNgilandi kuzothumela umyalezo ocacile wokuthi imibono ehlukanisayo ayamukelekile lapha. Masihlangane njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika eziziqhenyayo silwe nanoma yiluphi uhlobo loqhekeko noma ukucwasa ezweni lethu,” kusho uhlu lwezikhalazo.
NgoSepthemba 2024, uVuyo Zungula, umholi weSouth African Transformation Movement (ATM), waphinde wacela uNgqongqoshe Wezasekhaya, u-Leon Schreiber, ukuthi angamnikezi lowo muntu onezingxabano zokuba yisakhamuzi. ukubumbana.

