Izindaba

Injabulo kuya abangu-23 abebethunjwe eMyanmar kade bethenjiswe imisebenzi

BABUYISWE ngempumelelo abakuleli abangu-23 abebethunjwe eMynmar.

Laba bebeyingxenye yabanye abantu abangu-7 000 abavela emazweni ahlukahlukene abebethunjwa eThailand bayofuqwa eMynmar ngaphandle kwemvume yabo.

Ukubuyiswa kwabathunjwa baseNingizimu Afrika kwenziwe lula uMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana kanye Neziphathimandla Zokulawulwa Kwemingcele.

Okhulumela uMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, uChrisp Phiri uthi abesilisa nabesifazane bathathwe eThailand bayiswa eMyanmar ngaphandle kwemvume yabo. Kulapho bafike bahlaliswa ngaphansi kwezimo ezinzima nezimbi izinyanga. 


Laba bazithola bebhekene nezinkinga nje kungenxa kokuyengelwa kuleli lizwe bethenjiswa imisebenzi nezindawo zokuhlala kanti bayengelwa ophathe.

“Izisulu zaboshwa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezine enkompolo yobugebengu okuyilapho bebenziswa ubugebengu kusetshenziswa ubuchwepheshe ne-inthanethi eMyanmar, engasemngceleni weThailand.

Bebephathwa ngesihluku besetshenziswa okwezigqila, behlala ngokusatshiswa, bephinda beshaywa.


“Baboshwe ngaphansi konogada abahlala behlomebezingovolo nsukuzonke. 


Olunye ulwazi oluvelayo luthi laba bebegqilazwa ngomsebenzi besetshenziswa amahora angu-16 ngosuku.

Okunye okuvelayo wukuthi bebefa yinduku benikwa ukudla okubolile baphinde baphuze amanzi angcolile.

Kuvela ukuthi bekuba nzima kolimele nongaphilile ngoba bebengalutholi usizo.


UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kanye noKlebe baphuthume baphenyisisa ngezisulu ukuqinisekisa ukuthi zingobani futhi zaphenya nangemindeni yabo.


Ngokusho kukaPhiri, osonhlalakahle bazophinde basize oKlebe ekuqhubeni inhlolokhono yokuhlola nabantu baseNingizimu Afrika, njengoba bengazange bahlolwe ngokusemthethweni eMyanmar noma eThailand.

“Kwabanye abantu, kungase kudingeke ukuthi bathole usizo lwezokwelashwa ngaphambi kwenhlolokhono yokuhlolwa.

Ngemva kwenhlolokhono yokuhlolwa, i-DPCI izohambisa izisulu ezikhungweni zezempilo ukuze zihlolwe impilo.

Odokotela bazobahlolela noma yikuphi ukulimala ngokomzimba ngesikhathi beboshiwe eMyanmar ukuze babone isidingo sosizo lwezokwelashwa.

“Ngaphezu kokusekelwa okuqhubekayo ngokwengqondo, i-DSD izohlinzeka ngendawo yokuhlala yesikhashana kulabo abangaphandle kwaseGauteng, okubavumela ukuthi bahlangane nemindeni yabo kanye nezihlobo zabo.”

OKlebe bazokwenza olunye uphenyo.