Uguliswe ukuhlulwa ukugcwalisa inkundla uSteve Hofmeyer
UPHOXEKE wahamba kancane umculi wesibhunu uSteve Hofmeyer kulandela ukuthengwa kwamathikithi angu-8,000 kuphela kwikhonsathi yakhe.
UHofmeyer umculi owaziwa ngokuqhakambisa uhulumeni wakudala wengcindezelo nokungabathandisisi abantu abangesilo ibala elifana nelakhe.
Kulokhu bekulindeleke ukuthi abe nendumezulu yekhonsathi i-iKOON eDHL Stadium eKapa ngoMgqibelo.
Le ndawo obekuhlelwe kuyona ikhonsathi imumatha abantu abalinganiselwa ku-55,000.
Ukuthengwa kwamathikithi angu-8000 kumshiye egqemeke olungeqiwa ntwala njengoba kuphoqe ukuthi ihlehliswe lekhonsathi. Usale ethetha yedwa kuFacebook wakhe uthe okwenzekile ethi ukhathele wukuphoxeka.
Lo mculi uzwakalise ukuthi “okukhulu okumkhathazayo” kwakungenxa yalabo abathenga amathikithi noma abanezinye izindleko ezihlala isikhathi eside, njengoba ayehlele ngisho neholide ezungeze ikhonsathi.
U-Hofmeyer udlulise ukubonga kubantu abangu-8000 abathenge amathikithi ekhonsathi. “Kithina, abantu abangu-8000 banele.”
Esitatimendeni esikhishwe ngbagqugquzeli bale khonsathi, baveze ukuthi banesiqiniseko sokuthi bebezoba nomphumela omuhle ukuba bekungekho umbukiso omkhulu wamaBhunu eKapa.
Baqhube bathi : “Ngeke sikwazi ukuqhubeka nale khonsathi ngenxa yesibalo samathikithi athengiwe.
Abahleli bekhonsathi baveze ukuthi bazoxhumane nababelane ngokuthi bazoxhumana nabanikazi bamathikithi uma usuku olusha seluqinisekisiwe, futhi abanikazi bamathikithi banganquma ukuthi bafuna ukugcina amathikithi abo noma bathole imbuyiselo.

