Uzotheleka kuleli umculi uDoja Cat
UZONYATHELA okokuqala eMzansi uDoja Cat ekhonsathini eyingqayizivele kulo nyaka.
UDoja Cat umenyezelwe wangumculi ozobe ehamba phambili kwintandokazi yekhonsathi iHey Neighbour Festival ezoba ngo-mhlaka 29 kuya ku-31 August nonyaka eLegends Adventure Farm ePitoli.
Okwenza amehlo athi njo kuDoja Cat, ogama lakhe langempela uZandile Dlamini, wukuthi uyindodakazi yesilomo somlingisi esaduma kakhulu kwiSarafina noZalo uDumisani “Chester” Dlamini.
Ngokwemibiko, UDoja Cat akakaze alubeke unyawo kuleli. Usechithe impilo yakhe yonke ezweni azalwa kulo nokudabuka kulo unina nokuyi-United States of America.
Esikhathini esiphambili lomnqobi wendondo yeGrammy noyise bake badonsisana ezinkundleni zokuxhumana nokwenza kwahlala obala ukungezwani kwabo.
Kulapho uDoja waze wabiza uyise ngomuntu angenandaba naye ngenxa yokungabi nobudlelwano obuqinile.
Yize kunjalo baphinde babuyisana nokwenza abalandeli babo bobabili bajabule bafise ukubabona ndawonye.
Ngonyaka odlule, uDoja Cat waphumela obala ngokuthi akakaze aye eNingizimu Afrika ezweni elingumsuka nelokhokho bakhe.
Selokhu kumenyezelwe ukuhi uDoja Cat uzovakashela, abalandeli bakhe bakuleli bajabule ngendlela emangazayo.
Ngaphandle kokujabulela umculo wakhe eyadla umhlanganiso wki-albhamu ethi Scarlet, babheke ngabomvu entsha ethi Vie.
Ngonyaka odlule, uDoja Cat ujabulise abakuleli ngokugqoka ingubo enemibala yeflegi lalapha eNingizimu Afrika ngesikhathi enandisa ekhonsathini iGlobal Citizens e-USA.
UGlen Netshipise, oyisikhulu esiphezulu kwifestival iHey Neighbor Festival uthe,: “Sijabule kakhulu ukwamukela u-Doja Cat esiteji se-Hey Neighbor Festival.”

