Ezemidlalo

Ibhekene neshobolo lokungadayiseki iRoyal AM

IMIBIKO yakamuva isiveze ukuthi iRoyal AM isiphindela endalini futhi.

Lokhu kulandela ukuphunza kwemizamo kasomabhizinisi uRoy Chockalingam Moodley yokuyithenga.

UMoodley ungusomabhizinisi owaziwa ngenkampani yakhe iGlobal Investments. 

Umbiko ohlanganiswe ngabe-eNCA uveze ukuthi uMoodley wehlulekile wukuhlanganisa imali ebidingeka ukuthenga leli qembu lebhola.

Ukwehluleka kukaMoodley kuhlale obala ngemuva kokuthi ehluleke wukukhokha njengoba ayenikwe izinsuku ezintathu  ngemuva kokumenyezelwa. 

Eminye imithombe yabezindaba iveze ukuthi uMoodley usondelene nowayengumengameli wakuleli uJacob Zuma.

Lokhu kusondelana kusolwa njengesinye sezizathu ezidale yangaphumelela imizamo yakhe yokuthenga iRoyal AM kaShawn Mkhize. 


UMoodley osembonini yonogada eseThekwini ubengomunye wosomabhizinisi abebebheke ukuthenga leli iqembu lePremier Soccer League kuSouth African Revenue Services (SARS) njengoba selingaphansi komkhokhi wentela kulandela ukujeziswa kukaMaMkhize ngokubalekela ukukhokha imali yentela.


Izolo abakwa SARS baveze ukuthi abagculisekanga irekhodi lokuphathwa kwezimali kwenkampani kaMoodley kanti okunye okubhedise uhlelo ukwehluleka ukukhokha imali ebidingeka ngesikhathi ebesibekiwe. 


UMoodley ungusomabhizinisi wesibili osehlulekile ukuthenga iRoyal AM. 


Kuqale uDavid “Mazolman” Skosana owaduma engumxhumanisi womphakathi nabezindaba kwiSuperSport United kanti manje uyilungu lasephalamende le MK Party. 


USkosana nomlingani wakhe osembonini yamatekisi babeka etafuleni uR15m kodwa bachithwa.