Uthwele kanzima umlingisi weSkeem Saam njengoba esehlala endaweni yokukhoselisa abantulayo
Umlingisi weSkeem Saam usephumele obala ngokuthwala kanzima empilweni.
UPebetsi Nolo Matlaila uzakhele udumo ngokudlala indawo kaMokgadi Matloga kulo mdlalo okuSABC1.
Udalule ukuthi njengamanje ufana nse nomuntu othwele ugodo olushunqayo ngenxa yezizinkinga zokungabi nakhaya nemali.
UPebetsi uveze ukuthi kumanje yena nezingane zakhe ezimbili bahlala endaweni ekhoselisa abantu abantulayo.
Elandisa ngesimo sakhe wangaba namahloni ngesimo sakhe sezimali esinzima nesiholele ekubeni angabi nakhaya njengamanje.
” La ngihlala khona kuphephile futhi anginavalo lokusho ukuthi ngihlala ekhaya labantulayo,” kusho u Pebetsi .
Uthe impilo yakhe neyezingane zakhe ibe nzima kakhulu ngemuva kokuhlukanisa umshado wakhe nomyeni wakhe uLloyd Mbatha.
Umshado wabo wabayindumezulu ngo-2020 kodwa washesha watshoda njengoba begcine ngokugqashula ifindo lomshado ngo-2023.
Kwaba nezinsolo zokuhlukumeza nokwaholela ukuthi umshado udonse izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuphela.
Ngemva kokuphela komshado, wazithola entula imali. Uthe ukubona izinto ziba zimbi kumenze wabona kungcono azehlise ayocela ukuhlala endaweni ekhoselisa abantulayo.
” Abanye bangibuza ukuthi kungani ngingayisi izingane zami kuMama. Ngiyazi ngeke abe nenkinga kodwa kuqhelile ekhaya nala ngihlala khona,” usho kanje.
“Bengizama ukusindisa impilo yami neyezingane zami,” kusho uMatlaila.Uthe njengoba ebhekene nezikweletu ezikhulayo kanye namathuba amancane omsebenzi, isimo sempilo sibi kakhulu.
Ngenxa yokungakwazi ukuthola isisombululo esimeme, waphoqeleka ukuba aphendukele endaweni yokukhosela okuhluke kakhulu esithombeni esiwubukhazikhazi abaningi abazihlanganisa nosaziwayo.
Naphezu kwesimo abhekene naso uthe umanqikanqika ukufuna usizo emndenini, ikakhulukazi umama wakhe, osemenzele lukhulu empilweni.
“Uma ngikhuluma iqiniso, umama usengenzele lukhulu mina nezingane zami,” usho kanje,
Uveze ukuthi unesifiso sokuzimela angabi wumthwalo emndenini wakhe, akhethe ukubhekana nezinselelo zakhe ngokuzimela.

