Izindaba

IMultichoice ilahlekelwe ngamakhasimende alinganiselwa ku-3.7 million

KUBHEDA uhlelo enkampanini kamabonakude iMultiChoice njengoba kusanda kuvela ezithi ilahlekelwe ngamakhasimende alinganiselwa ku-3,7 million.


Lenkampani iyona enkulu kunazo zonke nehamba phambili e-Afrika kule mboni.


Ukubika kwayo ngokwehla kwesibalo samakhasimende ngendlela eshaqisayo kwethuse ababukeli.


Le nkampani kamabonakude ekhokhelwayo, ibike ukwehla okushaqisayo kwababhalisile.

Yehle isuka ngaphezu kwezigidi ezingama-23 yaya ku-19.3 million esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili.

Lokhu kulahlekelwa kubangelwa isimo esinzima somnotho, lapho ukukhuphuka kwezindleko zokuphila kuye kwaphoqa amakhaya amaningi ukuba anciphise izindleko zokuzijabulisa.

Ukwehla kwamandla emali okuphakeme kanye nokushintsha kwemikhuba yabathengi emayelana nemidlalo kanye nenkundla yezokuxhumana kuyicindezela kakhulu. 


Naphezu kokunyuka kancane kwemali engenayo, inzuzo iyonke yehla isuka ku-R1.5-billion yaya ku-R7-million kuphela.

Ukwengeza, inkampani ibhekene nebhidi lokuthatha kuCanal+, elibambezelekile ngenxa yezinselelo zokulawula. 


ICanal+ inkampani yaseFrance nokubhekeke ukuthi kube yiyo elawula konke okuthinta iMultichoice nokuyinkampani yalapha eNingizimu Afrika.


Kuvela lezi zindaba nje, ngoLwesibili iyanyuka imali ekhokhelwa ukubuka iziteshi zakwaMultichoice.

Lokhu kungase kuphinde kube nomthelela omubi wokwehla kwababuka izinhlelo zakhona.

Iningi lababukeli bezinhlelo zakwaMultichoice sebeqalile ukuveza ukukhathazeka ngalokhu, abanye baveaz ukuthi bazoyilaxaza phansi.