Balinganiselwa ku-600 abazophelelwa imisebenzi kuvalwa i-Assmang
BALINGANISELWA ku-600 abasebenzi abazophelewe imisebenzi enkampanini edumile i- Assmang Manganese Cato Ridge Ltd eseCato Ridge ngakaXimba.
Ngokwemibiko, lokhu kuzokwenzeka ngasekupheleni kukaMay nonyaka futhi abasebenzi sebenikiwe izincwadi zokudiliza.
Le nkampani izovala thanqa kanti lokhu kuzothinta imindeni eminingi ethembele kuyona kule ndawo.
I-Assmang idume ngokuthi ngeyempunyela yeqembu lebhola iMamelodi Sundowns uDkt Patrice Motsepe kanti ikhiqiza insimbi okubalwa kuyona neManganese.
Ngokwabasondelene nale nkampani, sekusele kancane ukuthi kuphothulwe uhlelo oluqhubekayo lokuvala thaqa ukusebenza kwayo.
Nakuba abasebenzi baziswa ngesinqumo senkampani ngo-October nyakenye kepha iningi labo alazi lizolizothathani lihlanganise nani.
I-Assmang ike yasematheni ngo-2008 kuqhume amabhodwe okupheka insimbi. UMotsepe wazifikela mathupha ukuzobona umonakalo waphinda wakhuluma nabasebenzi.
Ngaleso sikhathi kwahlaluka ukuthi i-African Rainbow Minerals yale mpunyela yayinamavenge angu-50 kule nkampani ewusizo ngemisebenzi ebantwini abakhele izindawo ezifana neHammarsdale, Ntshongweni, Ntshangwe, KwaXimba nakwezinye ezisondelene nazo.
Ngokombiko we-IOL, ubuholi bakule ndawo buchaze usizi obubhekene nalo nomphumela omubi kwezomnotho endaweni yonke yaseCato Ridge naKwaXimba.
Okhulumela i-ANC esifundeni saseThekwini uMlondi Mkhize uthe ukulahleka kwemisebenzi kubantu abangu-600 kuzothinta abantu abaningi.
“Abantu bazolahlekelwa yimisebenzi ngoba inkampani ithi ayinamali, kusho uMkhize.
” Uqhube wathi kunesikhathi la kwaqalwa uhlelo phakathi kwenyunyana, abasebenzi kanye nomqashi ukuze kubhekwe indlela okungatakulwa ngayo ibhizinisi.
‘Babuya nombiko, kodwa lokho kwanhlanga zimuka nomoya. Amalungu enyunyana abe esezama ukuxoxisana nenkampani efuna umsizi ozofaka isicelo sokushintsha ubunikazi ngokomthetho weLabour Relations Act. enkampanini ngesikhathi abasebenzi ngenyunyana bebuza lokhu kwangaba nampendulo,” kusho uMkhize.
Abase-Assmang nabe-African Rainbow Minerals abatholakalanga ukuba baphawule ngalolu daba.

