ITheku lihlela ukuqeda ngombuso kwaba-waterkan
KUNGASE kuphele umbuso kubanikazi bezinkampani eziphakela umphakathi ezindaweni ezisuke ziphelelwe yiwona.
Ngengamanje umasipala weTheku umatasa nemizamo yokuqeda ngalaba banikazi balezi zinkampani amaWaterkan nokukholakala ukuthi yibo ababangela ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi.
Ngokombiko owethulwe yi-eNCA, basolwa ngokudala umonakalo komasipala abaningi, baphinde bavale ngamabomu ukuhlinzekwa kwamanzi ukuze bathole amathenda okuqhuba lomsebenzi.
Sekuke kwanemibiko eke ivele eveza ukulinyazwa noma ukuvalwa kwamanzi kuholela ekuhluphekiseni umphakathi, izikole kanye nezinye izindawo ezigcina ziphazamiseka.
Ukunqamuka okungahleliwe, umonakalo wezikhukhula, ukunakekelwa okujwayelekile kanye nokucekelwa phansi kwempahla kube nomthelela ekomeni kompompi kanye nentukuthelo esabalele.
Kuze kube manje, umasipala uvala ompompi bokukhipha amanzi ngamathangi.
Lo mbiko uqhuba uthi iMeya yeTheku uMnuz Sihle Xaba isimemezele ukuthi idolobha lizothola amathangi amanzi angu-264 azolethela izakhamuzi amanzi ngezikhathi zokungasebenzi.
“Amathangi amasha asho ukuthi noma bekunokuphazamiseka kwedolobha lonke, isigceme ngasinye sisazothola okungenani amathangi amabili,” kusho uXaba.
Kodwa izinkinga zezakhamizi zisekude ukuphela njengoba isu elisanda kumenyezelwa lokushintsha amanzi lizothatha iminyaka ukuhlinzeka ngezinzuzo ezibonakalayo.
Ukushesha kwalolu hlelo kungaqeda ngokuxakeka komphakathi ngokweswela amanzi osekuyinsakavukela ezindaweni okubalwa kuzona lezo ezakhele iPinetown, Ximba, Cato Ridge, Hammarsdale nezinye eziningi.
Kunemibiko evela emiphakathini eveza ukuthi ezinye zezindawo okubalwa izindawo ezithile kwaXimba, seziyawafunga amanzi.
Kuthiwa umphakathi owakhele kwezinye zezindawo okubalwa kuzona lena, ususindela lezi zimoto eziphakela umphakathi ngamanzi noma abantu bayowakha emifuleni onamanzi angahlanzekile.

