UScott Maphuma uthi “cho” kwabafuna ukushutha naye
UMCULI wamaPiano usephumele obala wathi ukhathele abalandeli abacela ukushutha naye.
UScott Maphuma okusanda kusabalala ivideo yakhe esusa kabi intombazane ebizama ukuzikhuhla kuyena imhage, uthe akayifuni neze lento eyenziwa abalandeli bakhe.
UScott uphawula kanjena nje kulandela ukugxekwa ngokuzikhukhumeza nokuvuvukalelwa yikhanda ngenxa yodumo lwakhe.
Uziphendulele wathi okokuqala nje akasiyo imali ngakho uyazi ukuthi ngeke athandwe yiwona wonke umuntu.
” Impilo yami akuseyona ejwayelekile, Angisakwazi nokuziyela ezitolo ngiyothenga izicathulo nokuyinot esengiyenze impilo yami yonke,” kusho yena.
Uthe manje sekufanele aqale acabange ngabantu abazomvimba bacele ukushutha naye.
Nakuba esho kanje, bakhona abavumelane naye okubalwa kubona umrepha uYoung Stunna othe wenze kahle wazimela wakhuluma ngale nkinga.
Yize kunjalo, abanye bagxeke indlela asingathe ngayo lolu daba. Bakhala ngokungaqeqesheki kwakhe ngendlela yokuziphatha uma ungusaziwayo.
Kukhalwe nangokuthi kungenzeka ukuthi akanalo ithimba elimlulekayo.

