Ziyaqina izinsolo zokuphela kothando kuMinnie Dlamini nesoka lakhe elisha
SEKUQUBUKE amahlebezi okuthi usaziwayo uMinnie Dlamini nesoka lakhe elisha sebehlukene.
Uthando lukaMinnie Dlamini noDkt Brian Monaisa belubukeka lushisa izikhotha ezinsukwini ezidlule njengoba sekubukeka sengathi selushabalele okwamazolo ebona ilanga.
Ngokwabaseshi abasabalele ezinkundleni zokuxhumana, laba bobabili sebesuse zonke izithombe zabo bendawonye ku-Instagram.
UMinnie ungumethuli wezonhlelo ohlonishwayo kanti uDkt Brian ungudokotela ogxile ekuhlinzeni nosetshenziswa kakhulu ngosaziwayo.
Lezi zithandani okuthiwa sekunesikhathi zindawonye, bezingalufihli uthando lwazo obelusha ubuhanguhangu.
Bebeze babizane nangamagama amnandi kuwona u-Instagram befaka nezithombe bendawonye kubonakala nje ukuthi bajabule.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwale nyanga uMinnie wenzele lesi sithandwa sakhe indumezulu yomcimbi kubungazwa usuku lokuzalwa.
Okwenze lephatha yayinhle kakhulu wukuthi uDkt Brian ubengayilindele.
NgoSuku lwezithandani uDkt Brian washiya abaningi bebambe ongezansi ngesikhathi eveza isipho esiyingqayizivele ayesithengele uMinnie.
Wamthengela imoto yeqophelo eliphezulu iPorsche kanokusho.
Ngesikhathi sokuloba, iningi labantu abebelandela lolu thando bebesashaqekile kodwa besanethemba lokuthi mhlawumbe ukhona oyedwa kulaba ozophumela obala ngokwenzekayo.
UMinnie ungena kulolu thando olusha nje, bekulandela ukugqabuka kwefindo lomshado phakathi kwakhe nobengumyeni wakhe uQuinton Jones.

