Ibanjwe owaseMandeni iPowerball kaR47.8 million
KUNOSOZIGIDI omusha eMandeni owine iPowerball Plus ka-R47.8 million.
.Ngokusho kwabe iThuba engaphansi kweNational Lottery, ithikithi eliwine kwiPowerBall Plus yangoLwesihlanu lithengwe esitolo eMandeni.
Nakuba kujabulisa lokhu, kodwa inkinga akakveli lomuntu owine lesi samba semali esingashintsha impilo yakhe unomphela.
Le mpunyela entsha isebenzise uR45 ngesikhathi ibheja, futhi isebenzise ukheshi.
Lo mnqobi omusha ongakaziwa njengoba engakaphumeli obala, kuthiwa uzikhethele izinombolo zakhe.
Njengoba engakazivezi lo owinile, abe-Ithuba banxusa abantu ababheje ngoLwesihlanu badlala iPowerball Plus ukuthi babheke amathikithi abo bahlolisise ukuthi akusibo hyini izimpunyela ezintsha.
“Sikhuthaza bonke ababambe iqhaza kwi-National Lottery esitolo ukuthi babheke izinombolo zabo ngemuva nje kokutomula,” kusho uCharmaine Mabuza, oyi-CEO ye-Ithuba.
“Ukuqinisekisa ukuthi ithikithi lakho livikelekile, sikhuthaza abantu umuntu ukuthi abhale igama lakhe nenombolo kamazisi ngemuva kwethikithi ngokushesha nje lapho ulithenga.
Le indlela elula yokuvikela ithikithi lakho uma kwenzeka liwina.”
Abawinile banezinsuku ezingu-365 kusukela osukwini lokutonyulwa kwezinombolo.
Lezi zinsuku ezibekiwe ngezibagunyaza ukuthi bafune abakuwinile.
UMabuza wengeze ngokuthi i-Ithuba leseka ngokuphelele kwabawinile noma ngabe yimalini.
“Ithimba lethu le-Winner Services likulungele ukusiza owinile futhi limqondise ohlelweni lokufuna isimangalo olungenazihibe.
Lokhu kuqhubeka kufinyelele nasekunikezeni ukwelulekwa nasekunikeni izeluleko ngezezimali ukuze sibasize empilweni yabo entsha,” usho kanje.
Kwabaphumelele u-R50 000 nangaphezulu, i-Ithuba linikeza ukwelulekwa nezeluleko ngezezimali, iqinisekisa ukuthi bakuhlomele kahle ukuphatha ingcebo yabo entsha.
Kulabo abadlalile, bangavakashela izitolo ukuyobheka ukuthi kungabe bawinile noma babheke kwi-website yakwaNational Lottery noma amakhasini ezinkundla zokuxhumana.
Kulowo owinile, imali yakhe ikhokhwa engakapheli amahora angama-72.
Abadlali kumele babe neminyaka engu-18 kuya phezulu.

