Ezokokungcebeleka

Sekuvele ukuthi uSweet Guluva uzalwa wumculi wekwaito ongasekho

KUBE nezinyembezi zenjabulo kwabaningi kuveka izindaba zokuthi umnqobi walo nyaka weBig Brother Mzansi uyindodana yesilomo sikaDJ nomculi ongasekho.


Izindaba zokuthi u-Akhonamathemba Mbele odume ngelikaSweet GuluSekuveleva uyindodana kaMlungisi “Waya 77” Mbele ziqale ukusabalala izolo.


Lokhu kushaqise abaningi abebengenalo ulwazi ngalokhu. 

Abanye basole ukuthi kungenzeka ukuthi wayefuna abantu bangambuki ngamehlo okwazi imvelaphi yakhe.

Kumsebenzele lokhu ngoba abantu abamenze wangumnqobi weBig Brother bahehwa wukuba ngumuntu ophansi, ozithobile nongakuthandi ukugxambukela.

Akumangazi ukuthi kubo bonke ozakwabo abencintisana nabo, uSweet Guluva nguye kuphela ongaxabananga namuntu ngesikhathi ekwiBig Brother.


Abalandeli bakhe bakuvezile nokho ukuthi ngesikhathi uSweet Guluva esasendlini kaBig Brother wayekugwema ukukhuluma ngoyise.


Engxoxweni lesi silomo esibe nayo nephephandaba Isolezwe, ukuqinisekisile ukuthi uWaya 77 nguyise.


UWaya 77 waba ngomunye wabaculi beKwaito ababeka iTheku esicongweni ngesikhathi seDurban Kwaito. 


Ngaphandle kokucula, wayehlonishwa ngekhono lokubhala, ukudidiyela nokulingisa. Ngaphezu kwalokho wayephinda abe ngumsakazi oqavile weVibe FM.


Uqophe izingoma okubalwa kuzona ethi “Izandla Phezulu” nethi “Ngiyachoma”. Njengoytise, uSweet Guluva uveze ukuthi ungumuntu onamakhono amaningi ahlukene kwezobuciko nabonakale ngesikhathi okulolu hlelo. Phakathi kwalawo makhono kuhlale obala elokudweba, ukulingisa kanye nokudansa ngendlela yakhe ekhethekile.


Ngo-2009 ukhiphe i-albhamu yakhe ephelele yokuqala. Kuyona wayepikle izihlabani okubalwa kuzona uPhuzekhemisi engomeni ethi “Ubuhle”.


UWaya 77 udlule emhlabeni ngo-2022 ngemuva kokugula isikhashana.