Ezokokungcebeleka

Usejoyine umsakazo omkhulu uSinaye weBig Brother

KUTHI bandize yinjabulo abalandeli besilomo seBig Brother Mzansi esesimeyezelwe njengomsakazi omusha weYFM.


USinaye Kotobe ogqame ngesikhathi ekwiBig Brother Mzansi season 4, eyayinesiqubulo esithi Siyamosha useyoba ngumsakazi omusha kulesi siteshi sentsha.


USinaye ongowase-Eastern Cape kodwa osezinze eGoli, umenyezelwe ukuthi uzophatha uhlelo i- “Happy Hour”. 


Lolu hlelo luzongena ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu phakathi kuka-6 no-7 ebusuku.


Okujabulise abalandeli baSinaye wuthi kade aba nesifiso sokusakaza. 


Ngaphezu kwalokho wasebenzisa ithuba ngesikhathi ekwiBig Brother Mzansi ukuveza ikhono lakhe lokwethula izinhlelo.


Akumangazanga ukuthi kuthe esanda kuphuma kulolu hlelo oluthandwa yizindimbane emhlabeni, wakwazi ukuthola amathuba okuphatha izinhlelo nemicimbi ephambili.

Kwenzeka lokhu nje empilweni kaSinaye, usanda kuba sezindabeni ngezithinta ezothando. Kuthiwa uSinaye wehlukene nobenguzakwabo kwiBig Brother Mzansi uZintle Zee.

Yize kunjalo kukhona abathi laba babengathanandi nhlobo kodwa babeshaya ngemfe iphindiwe abalandeli babo ngenxa yokulandela izipho ezivame ukutholwa kubalandeli beBig Brother abathanda ukubona abantu besothandweni.

Yize kunjalo kodwa akekho owake waphumela obala waqinisekisa lezi zindaba phakathi kukaSinaye noZee.


Lezi zindaba zethulwe ngesikhathi lo msakazo ubumemezela izinguquko zawo zalo nyaka. 


Phakathi kwezinguquko kube isigamu  esisha esibizwa ngeClub Y  esithatha izintambo ohlelweni lwemiksi ye-YTKO yodumo. 


Kulokhu lesi siteshi sithembisa ukuthi sizogcina sijabulisa ngokushintshanisa o-DJ abashisa izikhotha kusukela ngoMsombuluko kuya ngoMgqibelo, Isizathu wukuthi bafuna abalaleli bangalokothi bacikeke ngokuzwa into efanayo.