OwaseHammarsdale nengqayizivele yethuba kuKhozi FM
ISILOMO somlingisi nosomabhizi waseMpumalanga eHammarsdale simatasa ngokufundisa abantu ngokuphathwa kwezimali.
UMduduzi Luthuli oke wadlala kuZalo, iDurban Gen kanye neSibongile & Dlamini’s, uthole ingqayizivele yethuba kuKhozi FM.
Kusukela namuhla, uLuthuli uzozwaka ohlelweni “Ubusuku Obuhle” olwethulwa nguNkosinathi Mshengu kuKhozi FM kusuka ngo-9: 30 kuya ku10 ebusuku..
Kulapho ezobe enza adume ngakho okuwukweluleka nokufundisa abantu ngemali.
Lomsebenzi awumusha kuLuthuli njengoba ewuqale kusukela ngo-2016. ULuthuli ubenesigaba sokufundisa nokweluleka abalaleli ngokuphathwa kwenkece.Â
Lesi sigaba ubesenza kanye ngenyanga esebenzisa isonto lokuqala enyangeni. Zijikile izinto manje njengoba esenikwe ingqayiziv.ele yethuba lokwenza lokhu kabili ngenyanga.
Ephawula ngalokhu, uLuthuli uthe, :” Isandla sidlula ikhanda kuKhozi FM ngokunginika ithuba lokufundisa kabanzi ngezezimali. Kuningi enginakho engicabanga ukuthi abantu bakithi bazokuzuza ngoikuphathwa kwemali,” usho kanje.
ULuthuli akayifuniseli indaba yokwazi ngokuphathwa kwemali. Usebenze kakhulu nezinkampani ezihlonishwayo kuleli eluleka abantu namakhasimende.Â
Lokhu kumenze wabona kubesidingo sokuthi asebenzise kahle noma yiliphi ithuba alitholayo ukusiza abadinga ukwelulekwa nangokufundiswa.
Uthe okumenza abe nogqozi ngalo msebenzi, wukuthi naye njengomuntu uke wawenza amaphutha phambilini ngaphambi kokuthi azi kabanzi ngokuphathwa kwayo.
Namuhla uzobheka isihloko sokonga nokutshala imali ngendlela ephephile.

