Ezemidlalo

UMosimane angayihlenga iKaizer Chiefs esibhaxwini

Ingqwele yomqeqeshi webhola ohlonishwayo e-Africa uPitso Mosimane uthi engayitakula iKaizer Chiefs esiphenduke isinkwa semihla ngemihla ngisho nasemaqenjini angemakhulu kuleli.

Belukhulu obelulindelwe kwiChiefs kule sizini njengoba yaqasha uNasredine Nabi ofike nedumela lokunqoba izicoco eTanzania nangakubo eTunisia.

Kodwa akuhambi kahle njengoba yehluleka ukubamba umgqigqo owodwa.

Njengoba kucaca ukuthi angeke iyifice iMamelodi Sundowns ebaleka mawala esicongweni neLigi, amathemba enjabulo kubalandeli bayo alele kwiNedbank Cup.

Izobhekana neSudowns kuma semi-final maphakathi ngenyanga. UMosimane, okumanje akanaqembu elimqashile njengoba ehlukane kabuhlungu ne-Esteghal yase-Iran, uveze ukuthi uyakulobizela ukuqeqesha iChiefs.

“Uma livela ithuba ngingalithatha ngiyiqeqeshe iCheifs ngingawuyekelani umsebenzi ngingumqeqeshi weqophelo phela.” kusho yena ohlelweni lwezemidlalo kuthelevishini.

Ubekhuluma kanje ngesikhathi evakashe i Stellenbosch FC, njengoba sizodlala neZamalek kwi quarterfinal yeCAF Confederations Cup neZamalek. 

 UMosimane umnkantshubomvu kwiCAF kwazise usekwazi ukunqoba indebe yeChampions League kabili ne-Al Ahly yase Egypt neSundowns.