Ezokokungcebeleka

Injabulo kubuya uDJ Fresh no-Unathi Nkayi emsakazweni

IZILOMO zabasakazi ebesezinyamalele isikhathi eside emoyeni sezikhuze ibuya.

Izolo o-Unathi Nkayi noDJ Fresh bezwakale okokuqala emsakazweni u-93.8 obuwaziwa ngokuthi i-Mix FM nosakazela endaweni yokudla ka-DJ Oskido eDarumba.

Basakaza ngokuhlanganyela kulolu hlelo lwabo kulo msakazi womphakathi odume ngezingoma ezithandwa abantu asebekhulile futhi nezindaba ezinohlonze zikaqedisizungu.

U-Unathi wagcina ukusakaza kwiKaya 959 ngo 2021 eyamxosha ngemuva kwengxabano nozakwabo uSizwe Dhlomo. 

Ngemuva kokuxoshwa u-Unathi wabopha lo msakazo waseGoli efuna uR1,6m ethi imali eyisinxephezelo sokuxoshwa “kungafanele.”  

U-DJ Fresh yena wachithwa iMetro FM ngo-2019 ngemuva kokucetshwa umlaleli ukuthi lo msakazi wasebenzisa ulwimi oluqojeme. 

Isikhalo safakwa kwaBroadcasting Complaints Commission of SA (BCCSA) eyamthola enecala okwenza i-SABC yanqamula inkontileka yakhe. 

Abaningi bebebheke abuyele kweminye imisakazo engaphansi kwa-SABC kwazise isike yababuyisa abasakazi abanogazi abahamba kungekuhle ngaphambilini. 

Lapha kungabalwa o-DJ Sbu okuRadio 2000 noPaul Mtirara weMetro FM.