UBrenda Ngxoli udalule ukuthi uyise wendodakazi yakhe ungumlutha wencika
ISIHLABANI somlingisi sesivezele izwe ukuthi uyise wendodakazi yaso usengumlutha ophila ngencika.
UBrenda Ngxoli uvele wanameka ivideo eqophisana nomlisa ambize ngoyise wendodakazi yakhe.
Kuyona uyampheka uyamthulula ufuna imali yakhe. Bobabili bayaphendulana kabi ngodaba lwemali kaBrenda asola lo wesilisa ngokuthi uyithatha athenge ngayo izidakamizwa.
Owesilisa oqhiphotheke kusofa obomvu naye akazibekile uyaphendula sakugigiyela.
“Ewe isidakamizwa ngizithengile,” kusho umlisa.
UBrenda osuke esanda kumbiza ngendoda engento yalutho lo mlisa, uqhuba ambuze ukuthi : ” Pho lezi zidakamizwa uzithenge ngemali kabani,” kubuza uBrenda.
Kulapho umlisa asho kugcwale umlomo ukuthi uzithenge ngemali kaBrenda.
Kukho konke lokhu uBrenda ube esebhala incazelo ngokwenzekayo.Uqale ngokuthi “UCwecwe ungigqugquzele ukuthi ngikhulume.”
Uqhube wenaba ngokuthi lo (esho obonakala kwi-video) nguyise wengane yakhe.
” Wayengenje lapho ngihlangana naye. Uma kwenzeka noma yini (sic) kimina angayithathi ingane yami. Njengoba kunjalo ngineProtection Order,” kubhala uBrenda.
UBrenda uthe ngesikhathi behlangana wyengenalo ulwazi lokuithi wayecwile ekuphezeni inhlanganisela yomuthi womkhuhlane nesiphuzo esihlohlozayo iFanta Grape.
Uthe lokhu kube yisona sizahu esiholele ekwebehlukaneni kwabo.
Lo mlingisi uphinde wenza izinsolo azibhekise kuyise wendodakazi yakhe wathi wayemshaya kanzima aze amklinye. Uthe mayesekwenza lokhu wayethi ” yifa yikhona ngizojabula”.
Nakuba uyise wendodakazi kaBrenda engakaphawuli ngalezi zinsolo kodwa kunemilayezo enamekwe wuBrenda ezinkundleni zokuxhumana ethi yabhalwa nguye, exolisa ngakho konke futhi ethembisa ukushintsha.
Ekuqaleni kalo nyaka uBrenda ufake ivideo ka-aunti wakhe eyaveza isithombe sokungazwani okukhona emndenini.
Buka ivideo.

