Ezemidlalo

Zimb’ indaba kwiRoyal AM engase iphucwe ubulungu bePSL

ZIYA ngokuqonga izinkinga ezibhekene neqembu lebhola iRoyal AM.


Izindaba zakamuva ziveza ukuthi ubulungu baleli qembu lebhola laKwaZulu-Natal, bungase kuqedwe maduze yisigungu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL).


Ngokusho kwabasondelene nalesimo, iPLS isinqume ukuthi ivele ibunqamule ubulungu baleli qembu.


Ngokwemibiko evele, ikomidi eliphezulu lePSL seliphakamise ukuthi ubulungu beRoyal AM buqedwe.

Ngokwemibiko, lesi yisinqumo esizothathwa nawo wonke amakilabhu ezinsukwini ezizayo.

Ngokubika kweSABC Sport, leli komiti libe nomhlangano obalulekile ngoLwesithathu ukudingida udaba lwaleli qembu likasomabhizinisi uShauwn Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane. 

Isinyathelo esilandelayo kuzoba umbuthano nawo wonke amakilabhu e-PSL ukuze agunyaze ngokusemthethweni isinqumo sokunquma i-Royal AM.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu selinezinyanga lilwa nezinkinga zezimali nokuholele ekutheni i-PSL imise imidlalo yayo yonke. 

Izinkinga zaleli qembu ziqale ngesikhathi abeSouth African Revenue Service (SARS) beshaqa impahla yalo ngezinsolo zesikweletu sentela sika-R40 million. 

Lokhu kuholele ekubambezelekeni kwamaholo, nokushiya kwabadlali kulandela ukuthi iDispute Resolution Chamber (DRC) yePSL ibavunile.

Ngaphezu kwezinkinga zemali, iRoyal AM ibibhekene nesigwebo sokuvinjelwa ukuthenga abadali seFifa. 

Leli qembu belivinjelwe ukusayinisa abadlali ngenxa yezikweletu ezingakhokhiwe, okwenza kube nzima ukuthi libe nesikwati esanele ukudlala ezingeni eliphezulu.

Uma ukunqanyulwa kobulungu kuqinisekiswa, i-Royal AM izolahlekelwa isitifiketi sayo sokudlala kwi-PSL. 

Nokho kusangaba wudaba oluyogcina ezinkantolo uma efaka isicelo sokuphikisana nalesi sinyathelo sakamuva sePSL. 

Umyalelo wokugcina ngokwe-PSL ulele kubaphathi bamaqembu esigaba esiphezulu sale nhlangano.

Uma evota ngokhambisana nesinqumo, kuyosho ukuphuma kweRoyal AM ezigabeni zePSL.

Uma lelishobolo lingayehlela iRoyal AM, kuzosho ukwehla kwesibalo samaqembu anobhutshuzwayo akuPSL.

Ezinsukwini ezedlule, leli qembu likaMaMhize, belisendalini lidayiswa esidlangaleni.

Yize besekusobala ukuthi lithengwa ngubani kodwa leyo mizamo igcine iphunzile kwathiwa lizobuyiselwa etafuleni.