AbakwaToyota bahambili ngokudayisa izimoto eNingizimu Afrika
INKAMPANI enkulukazi yezimoto zakwaToyota izihola phambili ngokudayiswa kunazo zonke ezinye izimoto lapha eNingizimu Afrika.
Ukuphela kwenyanga edlule uMarch, kuveze ukuthi iToyota isesicongweni uma iqhathaniswa nezinye izinkampani kuleli.
Ukuba sesicongweni kweToyota kususe iiVolkswagen ikhishwe yalala isibili kuleli zwe.Ukudayiswa kwezimoto ezintsha zakwaToyota kwenyukile ngoMashi, nokuwuphawu lokukhombisa ukwethenjwa ngabathengi eNingizimu Afrika.
Inhlangano ehlanganisa imboni yezimoto iNaamsa ibike ukuthi kudayiswe zingu-49,493 ngenyanga edlule, nokunyuke ngo-12.5% ngoMashi 2024.
Izimoto ezithwala abantu zisuke ku-25.3% zaya ku-33,447, ngenxa yesidingo esinamandla sabathengi kanye nesimo sokuboleka esizinzile, kusho isikhulu seNaamsa uMikel Mabasa.
“Imboni yezimoto ihlomule ekwehleni okuzinzile kwe-inflation okungu-3.2% unyaka nonyaka ngoFebruaryi nokuncishiswa kwezimali kwangaphambili, obekusekela ukuzethemba kwabathengi kanye nokuxhaswa ngezimali kwezimoto,” usho kanje.
Ukuthengiswa kwezimoto ezintsha ezilula, amaveni namakhumbi, ngayinye zibe wu-13,328, kwehle ngo-8.4%.
Amaloli aphakathi nendawo ehle ngo-1.8% aya kumayunithi angama-696 kanti amaloli amakhulu ehle ngo-0.5% aya ku-2,022.
Ukudayiswa kwezimoto emazweni angaphandle bekuyizimoto ezingu-39,477 ngenyanga edlule, nokunyuke ngo-31.1% ngoMashi 2024.
Lokhu kukhula kuhambisane nesimemezelo sikamongameli wase-US saleli sonto esibeka engcupheni ikusasa lokuthunyelwa kwezimpahla zaseNingizimu Afrika emazweni angaphandle.
Nakuba abakwaToyota bephambili ngokuthengisa izimoto eziningi nezilinganiselwa ku-kodwa uSuzuki wathatha izintambo kuVolkswagen inyanga yesithathu ilandelana njengophawu oludayiswa isibili eNingizimu Afrika.
Top 20 Yezidayiswe ngoMarch
- Toyota – 11,660
- Suzuki Auto – 5,284
- Volkswagen group – 4,913
- Hyundai – 3,103
- Ford – 2,907
- Isuzu – 2,759
- Nissan – 2,303
- Mahindra – 2,253
- GWM – 2,066
- Chery – 1,902
- Kia – 1,402
- Renault – 1,402
- BMW group – 1,337
- Omoda and Jaecoo – 806
- Mercedes-Benz – 563
- Toyota Hilux – 2,923
- Isuzu D-Max – 2,250
- Ford Ranger – 2,179
- VW Polo Vivo – 1,703
- Suzuki Swift – 1,608

