Limfiliba ikusasa labadlali beGenerations: The Legacy
ZIYIME emthumeni kwiGenerations: The Legacy yakuSABC 1 kulandela ukuthi abalingisi bayo betshelwe ukuthi bahlale emakhaya.
Ngokwemithombo engaphakathi, akucaci ukuthi ikusasa lalo mdlalo libheke kuphi njengoba abalingisi betshelwe ukuthi abalinde bayokwaziswa uma sekufanele babuyele emsebenzini.
Umbiko obhalwe kuX wuPhil Mphela uveze ukuthi isizathu sokuhlaliswa kwabalingisi emakhaya wukuthi abeGenerations: The Legacy abakasisayini isivumelwano esisha sokusebenzisana neSABC.
Kuphinde kuvele ukuthi ngokwejwayelekile, ikhefu elivame ukuthathwa liqondana namaholidi okuvalwa kwezikole kutghi uma kubuywa kube yingesikhathi izikole nazo zivulwa.
” Kuzokwehluka-ke kulokhu ngoba kuzothi uma zivulwa izikole abalingisi bazobe behleli belinde imilayezo ezobatshela ukuthi babuyela nini,” kusho umthombo.
Okunye okushayisa ngovalo kubasebenzi wukuthi ukungasebenzi kusho ukuthi akukho mholo ongenayo nokuyinto ebashayisa ngovalo kakhulu.Â
Omunye umlingisi uveze ukuthi basayine izinkontileka ezintsha neMMV. Kodwa incwadi ikubeke kwacaca ukuthi ngeke bakhokhelwe isikhathi sokuphumula.
“Sisanda kuthunyelwa eholidini ngaphandle kokusayina izinkontileka. Siyaqala ukuzwa lokhu. Futhi asazi ukuthi kusho ukuthini kithina njengabasebenzi,” kusho ilungu leqembu.
Umbiko weSunday World ucaphune ingxenye ypomlayezo othunyelwe abasebenzi nofundeka kanje : “Njengoba iningi lenu lazi ukuthi kukhona ukubambezeleka ngasohlangothini lweSABC mayelana nokukhishwa kwenkontileka entsha yesizini ezayo yeGenerations: The Legacy.
“Ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla ethu ngokuphelele, naphezu kwemizamo yethu emihle neqhubekayo, okwamanje sisesimweni lapho kungekho esingakwenza ngaphandle kokwelula ikhefu lokukhiqiza kusukela ngoMsombuluko, Ephreli 7.
Akukho lutho oluvela kwaSABC mayelana nenkontileka yesizini entsha.
“Ngamanye amazwi, ngeke siphinde siqhubeke nokuqopha ngoMsombuluko, Ephreli 7.
Njengamanje ngeke sikwazi ukusho ukuthi sizokumisa isikhathi esingakanani ukukhiqiza, kodwa sinikezwe iziqinisekiso eziningi ngabakwaSABC ukuthi inkontileka izokhishwa nakanjani. Futhi lokhu kwenziwa ngokushesha okukhulu.
“Okubalulekile ngicela niqaphele ukuthi ngenxa yalokhu okungenhla ngeke sikwazi ukunikhokhela sisalinde inkontileka entsha, wonke umuntu usazokhokhelwa leli sonto (eliphela ngoLwesihlanu, Ephreli 4) njengenjwayelo, kodwa ngeke kube khona ukukhokhelwa kusukela ngoMsombuluko, 7 Ephreli, kuze kube siqala kabusha ukukhiqiza.
“Siwazi ngokugcwele umphumela lokhu kuphazamiseka kwesikhashana okunawo kini nonke. Futhi sizisola kakhulu ngesimo sonke esizithola sikuso. Kufanele sidlule kulesi sikhathi esinzima maduzane, ngemva kwalokho ukukhiqizwa okugcwele kuzoqala kabusha njengokujwayelekile.
“Sicela uqiniseke ukuthi sizothumela nganoma yiziphi izibuyekezo esizitholayo mayelana nokuthi umkhiqizo ungaqala nini futhi ngokushesha ngemva kokuba sinalolu lwazi. Siyabonga ngokuqonda kwenu, ukubekezela, nokubambisana phakathi nalesi sikhathi esiyinselele.”
Umdidiyeli weGenerations: The Legacy, uHuman Stark, udlulisele imibuzo kwaSABC.
Uthe: “Singakuqinisekisa ukuthi izivumelwano zosonkontileka abazimele abangene kuzona nabasebenzi sezivele zilawula izimo ezichazwe encwadini. Uma ungathanda ukucaciseleka kabanzi ngalolu daba, sicela uthinte iSABC.”
Ngesikhathi sokushicilela okhulumela iSABC uMmoni Ngubane ubengakaphenduli. Impendulo yakhe izofakwa endabeni uma isitholiwe.

