Ezokokungcebeleka

Umlingisi waKwaMashu ukhonjwa kuShaka Ilembe

KUJABULISE iningi labathandi bomdlalo uShaka: Ilembe ukumenyezelwa kokuthi uNomzamo Mbatha uzojoyinwa ngumfowabo kulo mdlalo.


Umdlalo uShaka Ilembe Season 2 ukhuza ibuya kuMzansi Magic ngoJune 15 nonyaka.


Nakuba kumenyezelwe abaningi abazoba yingxenye yawo, kodwa kufane nomculo kwabaningi ukuvela kwezindaba zokuthi izelamani zakwaMbatha KwaMashu zizodlala ndawonye.


Esigabeni sokuqala salo mdlalo uNomzamo wayedlala indawo eqavile kaNandi unina weLembe. 


Umfowabo uNomzamo yena uzongena azodlala ekaNomahlanjana enye yamadodana kaZwide kaLanga. 


UNomahlanjana uchazwa njengeqhawe eliyingozi nelifisa ukuvelela, lizobonakalise kuyise. 


Uzibona eyindlalifa efanele nobukhosi bakwaZulu nokuyinto engeke yehle kahle kuShaka njengoba engayithandisisi kahle le nselelo.


Abanye abazojoyina lo mdlalo  Andile Mxakaza, Luyanda Zuma, Vuyo Biyela, Noluthando Shabalala, Wonder Ndlovu, Thandolwethu Zondi, Lindo Mbonani nabanye abaningi. 

UZamani akamusha ekulingiseni njengoba ikhono lakhe libonakele ngesikhathi esezinhlelweni ezifana ne-ISithembiso, Is’phindiselo.Isitha: The Enemy, The Brave Ones neBlack Door.