Izindaba

Uvele enkantolo umfowabo wenkosi yakwaXimba eyasocongwa yizinkabi

ILUNGU lomndeni wenkosi yakwaXimba  livele phambi kwenkantolo yemantshi eCamperdown namuhla.

Ukuboshwa kwalo msolwa kungenxa yokukhonjwa ngenjumbane njengobhongoza kuleli cala lokubulawa kwenkosi uZibuse Mlaba.

Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehliselwe u-April 14.


UFortune Dlamini (29) waseGeorgedale uvume leli cala maqede wakhininda konke akwaziyo ngokufa kweNkosi uZibuse Mlaba, etshela inkantolo ngomlomo wommeli wakhe uMfuneko Jwili.

UDlamini ukhombe usole ilungu lomndeni njengomuntu owakha itulo lokusocongwa kwenkosi.


Uthe wathola u-R130 000 wokubulala owayeyinkosi yaKwaXimba uMlaba.


UMlaba wadutshulwa wabulawa ngo-Okthoba 2021 eWareing’s Shopping Centre, ngaphandle kwehhovisi lakhe.

UMlaba ubephinde abe yiphini likasihlalo we-ANC eKZN ngesikhathi lowo owayengumengameli uJacob Zuma enguSihlalo.

UDlamini uthe wasondelana naleli lungu lomndeni ngo-2019 ngesikhathi eqashisa efulethini eliseduze nomuzi wabo.

Ngawo lowo nyaka, wasiza lo mndeni ngokudayisa iziza noma iziza ezisendaweni yaseLion Park eMgungundlovu.

Uthe ngo-2021 ngoSeptember wathola ucingo oluvela kulesi sihlobo simcela ukuthi asiphelezele baye eHillcrest.

“Sahlangana egaraji lika-BP elingasemgwaqeni u-N3 National, isihlobo sasihamba noThobani Buthelezi ongasekho, ngasuka lapho ngashayela imoto yakhe ngaya eHillcrest,” kuchaza uDlamini.

Uthe ngesikhathi eshayela isihlobo sakhe sambuza ngoMncedisi Gwala noNhlanhla Hlongwa.

UHlongwa noGwala bayizihlobo. Isihlobo sacela uDlamini ukuba ahlele umhlangano noHlongwa noGwala.


“UGwala utshele leli lungu lomndeni ukuthi ungumuntu oshayayo,” kusho uDlamini.

Emhlanganweni obusendlini yesihlobo sakwaMlaba, uDlamini, uHlongwa, uGwala, noKhanyisani Dlamini batshelwe yilesi sihlobo ukuthi sifuna abulawe uZibuse.

Ngaphezu kwalokho, amalungu omndeni avuma ukubakhokhela u-R130 000 ukuze babulale uZibuse.

UDlamini uthe wafuna isithombe senkosi uMlaba ku-Google wazithola. Ilungu lomndeni lakwaMlaba elisolwayo laqinisekisa ukuthi benguye nezinqotho.

Ngesikhathi laba bobathathu bengamtholi uZibuse isihlobo sanikeza uDlamini imali yokukhokhela indawo yokuhlala eMgungundlovu ukuze alale.

Amagumbi amabili abhukhelwe nguDlamini e-Alexis Guest House kanti u-R550.00 ukhokhelwe ubusuku ngabunye.

Uqhube wathi ukuhlala kwabo kule ndawo kwaqhutshwa ngenxa yokuthi uHlongwa noGwala babengamtholi uMlaba. 


UDlamini uthe wabathumelela u-R1500.00 nge-cash send kwathi ngosuku lwesithathu wabathumelela u-R2000 njengoba bebengakamtholi uMlaba.

Ngosuku lwesine ngomhlaba ngo-October 21, 2021, uGwala wabikela uDlamini ukuthi uthole uinkosi uMlaba, wamdubula wambulala.

“Emuva kwalokho ilungu lomndeni langinika u-R130 000 ngokwesivumelwano.

Ngathatha u-R10 000 engawusebenzisa ukuze ngithole ukudla nendawo yokuhlala eMgungundlovu ngaphambi kokubulawa kukaMlaba,” usho kanje.

UDlamini uthe wahlangana noGwala eGateway wamnika u-R120 000.

Uthe ngesinye isikhathi ngemuva kokubulawa kukaMlaba, leli lungu lomndeni lacela ukuthenga izibhamu ezasetshenziswa ukubulala uMlaba ngo-R10 000 sisinye.


UGwala noKhanyisani banikezwe imali umuntu ngamunye ukuze athole izibhamu.

Ngesikhathi uGwala eboshelwa ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, uDlamini uthe uthole ukuthi lapho kwabulawelwa khona uMlaba, amaphoyisa aqoqa ulibofuzo.

“Ilungu lomndeni langiyalela ukuthi ngihlele umuntu ozobulala uGwala,” kwengeza uDlamini.

UJwili uthe kusukela kwaboshwa ikhasimende lakhe ngoSeptember 29, 2024, wavuma ngokushesha wabe esesebenzisana namaphoyisa.

“Ngesikhathi umsolwa evela eNkantolo yeMantshi akazange amoshe isikhathi senkantolo nezinsiza zombuso ngokufaka isicelo sebheyili,” kwengeza uJwili.

Uthe ikilayenti lakhe lalihlose ukulivuma icala kusukela ngosuku aboshwa ngalo. UJwili uhlongoze ikhasimende lakhe iminyaka engu-18 ejele.

Umshushisi woMbuso u-Advocate Sanele Ntombela uthe uthintwe umndeni wakwaMlaba mayelana nalesi sicelo ngoMsombuluko kwavunyelwana ngokuthi uDlamini aboshwe iminyaka engu-18.

UNtombela uthe uDlamini usezoba ufakazi woMbuso ecaleni likaNhlanhla Lungelo Hlongwa noMthobisi Tsebang Dubazana.

Inkantolo igwebe uDlamini iminyaka engu-18 ebhadla ejele.