Izindaba

Abantwana basebukhosini bacela iminikelo yokugudluza iSilo uMisuZulu

Amalungu omndeni wasebukhosini bakwaZulu angasohlangothini lukaMntwana uSimakade anxenxa iminikelo.


Le minikelo izosiza ekubhekaneni necala lokususa isilo uMisuzulu kaZwelithini esihlalweni sobukhosi.


La malungu asho lokhu esithangamini sabezindaba eThekwini ngoMgqibelo.

Icala lizoqulwa eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala (SCA) eBloemfontein ngomhlaka-29 no-30 May nonyaka.

ISunday World ibike ukuthi uMntwana waKwaMinyamanzi uMazwendoda Zulu ehambisana noMntwana uThokozani Zulu, uMntwana uNdabenhle Zulu nenduna uVelezweni Shandu, uthe leli cala libalulekile ukuze isizwe samaZulu siphile.

“Leli yicala esizweni samaZulu njengoba sazi sonke ukuthi inkantolo yavuna uZondamagwala (uMntwana uSimakade) futhi siqinisekile ukuthi kuzophinde kube njalo.

Njengendlu yobukhosi sicela isizwe sikhulekele ukuthi lolu suku (ukuzwa) lube yimpumelelo ngoba uma izinto zingahambi ngokwezifiso zomndeni wasebukhosini, ubukhona beNgonyama kaZulu kuzoba umlando,” kusho uMntwana wakwaZulu.

Uphinde wanxusa ukuthi kube nobumbano ebukhosini nasesizweni njengoba lokho kuzogcina ukuba khona kwakho kokubili.

“Lokho kungabeka engcupheni isizwe, isizwe esihlukene phakathi singenwa kalula yizitha.Sicela nomnikelo esizweni,” wengeza.

Inani eliqondile lemali elalidingeka ecaleni alitholakalanga.

UMengameli uCyril Ramaphosa ufake lesi sinqumo ngemuva kokuthi iJaji leNkantolo eNkulu yasePitoli u-Norman Davis ethole ukuthi izinqubo azilandelayo zokuhlonza uMntwana uMisuzulu ngaleso sikhathi njengenkosi yamaZulu zazinamaphutha futhi zabekwa eceleni.

Inkosi uMisuzulu iyaseseka isicelo. 
UMntwana uMbonisi nayo ingene kuleli cala ithi uRamaphosa uhlulekile ukubonisana noNdlunkulu ngaphambi kokuthi enze isimemezelo.

UMntwana uMbonisi neqembu lakhe bafuna uMntwana uBuzabazi Zulu esihlalweni sobukhosi.