Izindaba

Bangase bazithole belala endle abafundi ngenxa yaNSFAS

BANGASE bazothola bengomantunta nendishi abafundi besezikhungweni eziphezulu ngenxa yokungakhokhi ngesikhathi kwabemali iNational Student Financial Aid Scheme in South Africa (NSFAS).


Isinqumo sakamuva esithathwe yinhlangano emele bahlinzeka ngezindawo zokuhlala zabafundi iStudent Accomodation Providers South Africa (SAPSA). 


Le nhlangano ithi ikhathele wukubanjiswa utalagu yiNSFAS ongazigcini izethembiso zawo zokukhokha.


Kuze kube yimanje iNSFAS awubakhokhele lutho yize abafundi beqhubeka nokuhlala ezindlini zabo.


Esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano, kube nzima ukuthatha lesi sinqumo kodwa nabo akukho abangakwenza.


Phakathi kwesizathu esibaphoqe ukunquma ngale ndlela kube wukwanda kwezikweletu zabo njengoba abafundi beqhubeka nokuhlala ezindlini. 

Ngokwencazelo yesitatimende mayelana nenkokhelo, iNSFAS wakhipha incwadi eyayibeka usuku lwenkokhelo.


Nakuba bekhona abayithola kodwa bayingcosana ingxenye abanye bayithola iphelele kodwa iningi lasala lincela izithupha. 


Kukho konke lokhu akubanga khona ncazelo nakuxhumana okugculisayo.


Okunye okubi wukuthi kusekhona inkokhelo esasilele emuva yonyaka odlule ekweletwayo nokungekho ncazelo ngokuthi iyokhokhwa nini.


Abahlinzeki bezindawo baphinde bakhale ngokhulumela iNSFAS ngokwenza izinkulumo ezingesilo iqiniso. 


Kulokhu babala udaba lokuthi kwabezindaba usola bona abahlinzeki bezindawo ngokungaletha izimangalo zabo ngesikhathi.

Iqiniso lithi vele abakulethi lokhu ngqo kuNSFAS njengoba kunohlelo olwaziwayo olusetshenziswayo.

inhlangano emele abahlinzeki bezindawo zokuhlala inqume ugwayi katiki wokuthi abeNSFAS balungise izikhalo zabo bangaze baphoqeleke ukuba bakhiphe abafundi ezindlini.