Angase adlelwe umuzi owaduma kwiKaizer Chiefs
ZITHANDA ukubhimba izinto kowayengumdlali weKaizer Chiefs okuvela ukuthi usengcupheni yokudlelwa isithabathaba somuzi ngenxa yesikweletu sikaR400,000.
U-Abia Nale (38) ubhekene nezinkinga zemali futhi kubikwa ukuthi umuzi wakhe kanokusho oseVanderbijlpark eGauteng ungase umlahlekele.
Ngokombiko wakwaNews 24, usembangweni wezomthetho neStandard Bank mayelana nesikweletu esimhlulayo esingaphezu kuka-R400,000.
UNale, owagqama ngemuva kokujoyina iKaizer Chiefs esuka kuGolden Arrows ngo-2009, udlale imidlalo engu-81.
Wahlohla amagoli ayisikhombisa kulezi zinkunzi zaseSoweto.Â
Umsebenzi wakhe wawuhlanganisa nokubolekwa ku-Ajax Cape Town nakuMpumalanga Black Aces.
Waphinda wagijima kwiMaritzburg United, Platinum Stars neBizana Pondo Chiefs ngaphambi kokubeka ethala.
Nokho-ke impilo ngemuva kwebhola ibukeka ilethe izinselelo ebezingalindelekile.Â
Ngokwemibiko, lesi sikweletu sisukela kwi-overdraft ayithathe e-Standard Bank
.Â
Ngaphambilini uNale uvumile ukuthi uzokhokha u-R21 000 ngenyanga ukuze akhokhe le mali kodwa wehluleka wukukhokha.
Ibhange libe seliqala inqubo yokuthi impahla yakhe esezingeni eliphezulu idayiswe ukuze kubuyiselwe imali esele.

