Ezokokungcebeleka

UFelix Hlophe uselufake kubameli udaba lokunakashelwa ngowekhasi lomgosi

ISILOMO sikasomahlaya nomsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe sesidalule ukuthi simatasa sifaka emthethweni odume ngomgosi wosaziwayo.


UFelix Hlophe uveze lezi zindaba kuFacebook lapho eveze ukukhathazeka ngokuhlezi ebhalwa wuLadyLondie.

Uthe ufuna ukufundisa uLadyLondie ukuthi ingalo yomthetho isebenza kanjani.

Yize isizathu singazeki kahle kodwa kubukeka sengathi isimume emphinjeni uHlophe eyokubhalwa njalo njalo yileli khasi lomgosi.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi ethi akanandaba nokubhalwa ngabemigosi kodwa uma sekuyinsakavukela kubukeka sengathi uyahlaselwa.


Phakathi kwezizathu ezibekwa wuHlophe ngokudala athathe izinyathelo zezomthetho wukuthi uLadyLondie usembelesele isikhathi eside.

Ukukhombisa ukuzimisela kwakhe, uHlophe ukhiphe umehlokaboni kaR5,000 kongamnika ulwazi okubalwa kulona ikheli neminye imininingwane kaLadyLondi.

Kulokhu, uLadyLondie uphendule sakubhuqa wathi “R5000″ pho kub’hlungu Ayanda”.

Lokhu kuhunyushwe ngabalandeli abakuleli khasi njengendlela yokubhuqa uHlophe okuthiwa wabhala ukuthi “kubuhlungu Ayanda” engxoxweni yakhe nothile eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana.


Ukuqinisa icala lakhe, uHlophe umeme nabanye abake babhalwa wuLadyLondie.

Uqhube wathi : “yazi ingane ka-1996 lena edelela kanje, Icekela phansi imindeni ifakele nabantu abamsulwa ingcindezi. Ngizomzwisa lokhu akwenza kwabanye.”

Uqhube watrhi uLadyLondie akaseyena nje umuntu ongaziwa ocashe kwi-internet. Usengabhala ngawe uye kubo uyomngqongqozela umbuze ukuthi ubeqonde ukuthini.

” Ujwayelamna kabi lona, ucabanga ukuthi sabakubo thina,” kusho uFelix othe usewehlisile umoya.


Uthembise ukuthwala izindleko zecala, inqobo nje uma bephumela obala ngokunakashelwa wuye.

Ikhasi likaLadyLondie lingamanye ezindaba athakaselwa kakhulu nanabalandeli abaningi.

Kungenxa yezindaba ezizoyizayo zosaziwayo nezisematheni ezibhalwa kulona.