Izindaba

I-DA ifuna izimpendulo ngokunyamalala kwezindaba zesiBhunu

BAZITHINTELE iziqandu abakwaSABC2 ngokunyamalala kwezindaba zesiBhunu kulesi siteshi.


Lokhu sekwenze iubuholi beDemocratic Alliance (DA) ne-AfriForum bafune izimpendulo ezisheshayo ngalokhu nazo izindaba zibuyile.Okhulumela iDA kuzwelonke uWillie Aucamp uthe : 

“Ukunyamalala kungazelelwe kwezindaba zesiBhunu ngempelasonto edlule, ngaphandle kwesizathu, kuyakhathaza.” 

Uthe i-DA ifuna i-SABC inikeze incazelo ngokushesha ngokuthi kungani lo zingasakazwanga.

U-Aucamp uqhube wathi i-DA izobhalela i-SABC ukuze ithole izimpendulo ngokushesha ngalolu daba.

Uthe lo msakazeli womphakathi kuzomele uqinisekise ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayaqhubeka nokuthola izindaba ezithembekile nezifike ngesikhathi.

“Kubantu abaningi baseNingizimu Afrika, i-SABC Nuus ku-SABC2, enababukeli abazinikele abangaphezu kuka-300,000, ibiwumthombo obalulekile wezindaba nolwazi,” kusho u-Aucamp. 


Ithe : “Bonke laba babukeli kufanele bakhokhele amalayisensi abo kamabonakude, akwamukelekile neze ukuthi i-SABC ingakhombisa ukungabi nandaba nengxenye enkulu kangaka yabantu.”

Ngokufanayo, i-AfriForum ithembise ukuthi izobhekana neSABC. 


Encwadini ethunyelwe usihlalo, isikhulu esiphezulu nabaphathi beSABC, i-AfriForum ifuna incazelo.

“Ukuthola ulwazi olubalulekile ngolunye lwezilimi ezisemthethweni zezwe yisona sizathu esibaluleke kakhulu sokuba khona kwe-SABC,” kusho inhloko ye-AfriForum, u-Alana Bailey.

Uqhube wathi abalaleli bolwimi lwesiBhunu bathembekile futhi banamandla ngokwezimali. 


“Cishe ingxenye yesithathu yemakethe isiBhunu. Lokhu kwenza kungaqondakali ukuthi i-SABC ikhetha ukuhlakaza le makethe,” kusho uBailey..

“Akubona abakhuluma isiBhunu kuphela, kodwa nabakhuluma izilimi zezinye izilimi ezincane kuleli sekunesikhathi eside bengagculisekile ngezindaba ezisakazwa ngezikhathi ezinzima, ” ephetha.