I-SABC isixolise ngokusakazwa kwezindaba zesiBhunu
INHLANGANO yezokusakaza lapha eNingizumu Afrika i-SABC isixolisile kubabukeli ngokungabi khona kwezindaba zesiBhunu ngempelasonto.
Ukushweleza kukaSABC kulandela intukuthukelo ebivela kwabakhuluma lolu lwimi.
Sekungumlando ukuthi ezinsukwini ezedlule kusukela ngoMgqibelo, izindaba zolwimi lwesiBHunu bezingabonwa nangokhalo.
Lokhu kudine kakhulu abakhuluma lolu kwimi.
Amaqembu ezepolotiki iDemocratic Alliance ne-Afriforum babhalele iSABC bekhala ngokubukelwa phansi.
Bebefuna nezimpendulo ezigculisayo ezidale ukuthi izindaba zivele zinyamalale ngaphandle kwesexwayiso.
Esitatimendeni sakwaSABC bathe ngemuva kokuqubuka kokudideka nokudumala emphakathini balusukumela udaba lwezindaba zesiBhunu.
Okhulumela abakwaSABC uMmoni Ngubane uchaze lesi sigameko njengephutha “ekuhlelweni” futhi wagcizelela ukuthi azikho izinhlelo zokuyekisa umbiko wezindaba.
“Sidlulisa ukuxolisa kwethu okukhulu nokusuka enhliziyweni, ikakhulukazi kubabukeli bethu bezindaba zesiBhunu
ngokungalusakazanga lolu daba ngempelasonto edlule,” kusho uNgubane.
“Udaba lwezindaba zesiBhunu kuSABC2 luzoqhubeka nokusakazwa ngesikhathi salo esijwayelekile kusukela namuhla. Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi lokhu ngeke kuphinde kwenzeke,” kushweleza uNgubane.

