Kushode ozogadla phakathi komsakazi nomdidiyeli woKhozi FM
IBHEKENE ngeziqu zamehlo phakathi komunye wabasakazi bezinhlelo zasekuseni momdidiyeli omkhulu kuKhozi FM.
Sekuvele ukuthi lomsindo ungenxa yodaba oluthinta abadidiyeli bezinhlelo kuKhozi FM.
Kusolwa ukuthi le ngxabano ilandela umyalelo kaZandi Wardle wokuthi abethuli bezinhlelo bayeke ukutusa abadidiyeli emoyeni.
UZandi usanezinyanga ezintathu vo eqashwe wuKhozi FM.Ngokombiko weSunday World, kuthiwa uZandi utshele abasakazi ukuthi bayeke ukubingelela noma ukukhuluma ngabakhiqizi ngaphandle uma kuyizinsuku zabo zokuzalwa noma unyaka wohlelo.
Ngokusho kuka-Wardle, lokhu kuxhumana emoyeni phakathi kwabethuli nabakhiqiziakukuhle futhi kwehlisa izinga lohlelo.
I-emai okuthiwa ibhalwe u-Wardle ifundeka kanje: “Abakhiqizi nabasebenzi abavunyelwe ukuba yingxenye ybazwakala bekhuluma emoyeni. Isivumelwano sokusebenza kwabakhiqizi esithinta ingemuva lokusakaza kuphela. Ukukhuluma kwabo emoyeni kuphambene nenkontileka abayinikezwe yi-SABC.
“Lokhu kuphinde kube nomthelela omubi kwiqophelo lezinhlelo zethu. Njengoba kubonakala sengathi ezinhlelweni zethu kukhuluma abantu abaningi,.” kusho uZandi.
Uqhube wathi sekwandile ukubizwa kwamagama, lapho abethuli bezinhlelo bencoma abadidiyeli babo belokhu bebakhulumisa emoyeni. Uthe akuvumelekile lokhu.
“Abethuli bawubuso namaphimbo esiteshi. Abalaleli akufanele babe nendaba nokuthi ubani osebenza ngemuva ngoba bakhathalele kuphela okuqukethwe nokufundisayo esikunikezayo,” usho kanje.
Uqhube wakhale nangezikhathi zokuntela emoyeni,.
Wabhala: wathi: “Kubalulekile ukuba siziphathe ngendlela efanele emoyeni futhi sikhumbule ukuthi sizele ukuzosebenza.
Kumele sigxile emsebenzini, sicela uqaphele ukuthi noma yikuphi ukwephulwa kwenkontileka yakho ngeke kwamukelwe futhi kuzoholela emiphumeleni.” ubeke kanje.
Uthe “kumanje Ukhozi FM lubhekene nengcindezi yokunyusa imali engenayo nezinga lezinhlelo. Ngakho-ke sinesidingo esiphuthumayo sokuheha nokugcina amabhizinisi.
“Kubalulekile ukubuka lesi siteshi njengendawo yokungenisa imali nebhizinisi. Iindawo yolwazi lwemiphakathi yethu, nokugcina imikhankaso nabakhangisi baletha ibhizinisi esiteshini.”
Isiphakamiso sikaZandi sichithiwe ngabasakazi.
Omunye wabasakazi uphendule i-email wathi: “Uma kuyisiphakamiso sakho leso, singahle sizikhiphe ezingqwembeni ngoba kufanele sihlale singaziwa emphakathini.
Kodwa iqiniso elimile, wumsebenzi wabo lona, futhi badinga ukutuswa ngawo.
“Ngakho-ke ngihlongoza umhlangano wethu sonke ukuze sizwe eminye imibono. Lokhu kuzokunikeza nethuba lokwazi abasakazi nabadidiyeli abahambisana nalezi zinhlelo, uzophinde uqonde ukuthi yini esebenze emsakazweni Ukhozi FM eminyakeni edlule.”
UZandi ubheje wabomvu, wathi: “Ngicela uqonde ukuthi indima yakho iqala futhi iphetha kuphi, ungaphazamisi umsebenzi wami njengomdidiyeli wakho omkhulu.
“Unomsebenzi okufanele uwenze, nami ngokunjalo. Ngakho-ke ngicela ulandele isicelo sami. Ungumethuli, futhi angiqondi ukuthi kungani ukhathazeke kangaka. Ngizoqonda uma lokhu emuva naphambili kuvela kumdidiyeli othintekayo.”
Kube sengathi umsakazi uthelwe ngezibonkolo ngoba uphendule wathi : “Uma ungafuni ukuba nengxoxo nathi ngoba ungumdidiyeli omkhulu, akube njalo.”
“UZandi usenezinyanga ezintathu kuphela esemsebenzini, kodwa useqalile uyadumaza kubasebenzi nakubaphathi. Unenkani enjalo, futhi akawuqondi umsebenzi.”
Okhulumela iSABC, uMmoni Ngubane, uthe abasakazi ngeke bakhulume ngezinto ezithinta umqashi nomsebenzi emphakathini.
“Abasebenzi ababhekene nezinselelo bayazi imigudu efanele yangaphakathi okumele bayilandele ukuze baqwashise abaphathi ngalezi zinselelo,” kusho uNgubane.

