Libuyela enkantolo icala lomculi eliphazanyiswe wukungena kwezinyosi
LIBUYELA enkantolo namuhla icala lomculi wowokholo eliphazanyiswe wukungena kweshaqa lezinyosi izolo.
Icala likaNkosikhona Tembe belingene izolo enkantolo yeMantshi eManguzi kodwa laphazanyiswa wukungena kweshaqa lezinyosi ezingaziwa ukuthi zivela kuphi,
Ukungena kwezinyozi kuphazamise yonkinto kwaze kwahamba nogesi imbala.
Ngokusho komthombo obukhona, kuthe kungahlalwa phansi kwavele kwezwakala ngomsindo wazo.Â
“Zngene zagcwala inkantolo ezinye zahlala phezulu emakhanda abantu abebezokwethamela icala. Wonke umuntu ube nokudideka ukuthi izinyosi eziningi kangaka zivela kuphi,” kusho umthombo.
Uqhube wathi : ” Kube ubumayemaye nesililo sisho phezulu abantu bekhala, izinyosi zila! Ukungena kwazo kuphazamise ayonkinto kwaphela nogesi,” kusho umthombo uthi namanje usashaqekile.
Uqhube wathi imantshi igcine ithi icala elithi ukuya ekhefini.
Kuthiwa kube ukubuywa kulelo khefu, nezinyosi kwangathi zizwile ukuthi sekuyabuywa.
Zibuye seziningi kakhulu kunasekuqalei zagcwala phama enkantyolo. Icala ligcine lihlehliselwa usuku lwanamuhla.
Ngokwemithombo yasendaweni, akuqali lokhu ukwenzeka uma kuzongena uTembe enkantolo.
” Ngesikhathi eyongena okokuqala ngqa enkantolo uTembe, kwenzeka okufanayo kwangena izinyosi kwama yonke into,” kubeka umthombo.
UTembe ugqigqa inkantolo nje, kungenxa yezinsolo zokuthunjwa komfana osolwa ngokuthi wantshontsha umshini wokugunda ikhanda kwakhe.
Lesi sigameko sasusa uthuthuva endaweni njengoba kukhona abesebefisa ukuzibambela kuyena.

