Izindaba

Injabulo kuhoxiswa ukuphenywa kukaKhomishana wamaPhoyisa uMkhwanazi

ISIHOXISIWE incwadi ebibhalwe ngabe-Independent Investigative Police Directorate (IPID) ngenxa yezikhalo ithi akuphenywe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal.


I-IOL ibika ukuthi le ncwadi obekufanele uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi ayiphendule isihoxosiwe.


“Yebo, ngingakuqinisekisa ukuthi ngalulekwa ngabe-Independent Investigative Police Directorate (IPID) ukuthi angisadingi ukuphendula futhi incwadi isihoxisiwe,” kusho uMkhwanazi etshela abe-IOL ngesikhathi ethintwa.

Ukuhoxa kulandela izinsolo zesikhalo esingaziwa zokuthi uvikele isikhulu sasejele esidayisa izidakamizwa ejele KwaZulu-Natal.

UMkhwanazi uzichithile lezi zinsolo wathi kunetulo lokumketula esikhundleni ngenxa yokungahlangani kwakhe nobugebengu nenkohlakalo.

Kuthintwa okhulumela i-IPID, uLizzy Suping, wenqabile ukuphawula mayelana nokuthi incwadi isihoxisiwe yini, wathi uphiko lomqondisi kuphela oludinga isikhala ukuze luqhubeke nophenyo futhi luzophendula uma seluqedile.

Ecindezelwa ukuthi uphenyo luhoxisiwe yini, uphendule wathi, “Kuyaqhubeka futhi uma sekwenziwe, sizokhipha isitatimende.”

Nokho inhlangano yezinyunyana, iPublic Services Association, inxuse i-IPID ukuthi iyeke lokhu ekubiza ‘ngokuhlukunyezwa’ kukaMkhwanazi.

“Ungamphenya kanjani umuntu umtshele ukuthi angaphenduli ngezinsolo abekwe zona? Luhlobo luni lophenyo lolo?

Kumele bayeke ukuhlukumeza uKhomishana wamaphoyisa bamvumele enze umsebenzi wakhe. Akabophe izigebengu,” kusho okhulumela usoseshini uReuben Maleka etshela i-IOL.

“Sibhalele uNgqongqoshe emasontweni amabili edlule, ingxenye yencwadi yethu ikhuluma ngalolu daba mayelana nophenyo.

Sicele umphenyi ozimele ukuthi aqondise uphenyo uma befuna ukuqhubeka nalokhu.

“Sikholwa wukuthi lona wumkhankaso wokunyundela uKhomishana, uma incwadi isihoxisiwe siyakwamukela lokhu nalokhuya i-IPID ibuyele ezingqondweni.

Myekeni uKhomishana nimyeke enze umsebenzi wakhe. Sizobe sibhalela ungqongqoshe ukuthi aphinde aveze izikhalo zethu.”