Injabulo umshana kaSolomon Mahlangu ejoyina uMkhonto WeSizwe
USEJOYINE uMkhonto Wesizwe Party umshana wesishoshovu samalungulelo abantu esingasekho emhlabeni uSolomon Mahlangu.
UPortia Mahlangu wamukelwe kuleli qembu ngumholi walo uJacob Zuma.
Konke lokhu kwenzeke phambi kukayise kaPortia induna uLucas Mahlangu.
Lezi zindaba zimenyezelwe ekhasini laleli qembu ku-X nokuyilapho abaleli qembu leMK beveze ukuthi ubaba uMahlangu obekhona kwenzeka lokhu.
Babhale ukuthi ngesikhathi uZuma amukela uPortia eqenjini kuhambisane nezibusiszo zikayise nomeseke ngokuphelele.
“Umam’Portia Mahlangu uthatha ubulungu beqembu le-MK, cishe eminyakeni engu-46 ngemva kokubulawa ngesihluku kukamalume wakhe.
Kubaluleke kakhulu njengoba lokhu kuyisikhumbuzo somzabalazo oqhubekayo wenkululeko yabantu bakithi.
“Umufi uMahlangu, owaba nobuhlobo obuyigugu noMengameli Jacob Zuma.
Ubelokhu ekhunjulwa ngokungapheli kwakhe amandla ekulweleni inkululeko yabantu abamnyama eNingizimu Afrika, nesibindi sakhe sokubhekana nombuso wobandlululo ngezenzo zesibindi nokuzibusa,” kusho iqembu le-MK.
USolomon Mahlangu wabulawa nguhulumeni wobandlululo ngo-April 6, 1979.
Wayeneminyaka engu-23 ngaleso sikhathi kodwa esebambe iqhaza elibalulekile emzabalazweni wenkululeko yabantu abansundu.
Iqembu le-MK lengeze ngokuthi uMahlangu uphinde wasebenza njengeqhawe elimelene nobandlululo futhi eyilungu le-ANC, kamuva waba isosha loMkhonto weSizwe (MK), uphiko olwaluhlomile lwe-ANC ngaleso sikhathi.
“Ngakho-ke kubalulekile ukuthi iqembu le-MK likhulise ikhwelo kubantu bakithi, njengoMam’Portia Mahlangu, bathathe umkhonto baqhubeke nokulalela ikhwelo lokukhulula ababencishwe amathuba,” kusho iqembu le-MK.
USolonon wabulawa nguhulumeni wobandlululo mhla ziyisi-6 kuMbasa 1979 sineminyaka engama-23 futhi sabamba iqhaza elibalulekile emzabalazweni wenkululeko.
Iqembu le-MK lengeze ngokuthi uMahlangu uphinde wasebenza njengeqhawe elimelene nobandlululo futhi eyilungu le-ANC, kamuva waba isosha loMkhonto weSizwe (MK), uphiko olwaluhlomile lwe-ANC ngaleso sikhathi.
NgoJuni 2014, umqondisi wamafilimu uMandla Dube wenza iqophamlando ngempilo ngoMahlangu “Kalushi – The Life Story of Solomon Mahlangu”

