Kuphelile obekuhlanganise uRulani neWydad
SELIGQABUKILE igoda phakathi kukaRulani Mokwena neWydad Casablanca.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yi-agent kaRulani uSteve Kapeluschnik.
Lezi zindaba ezishaqise abaningi zokushiya leli qembu lebhola lasenhla ne-Afrika eMorocco kuzokwenzeka ekupheleni kwale sizini.
Kuzokhumbuleka ukuthi uRulani ubeqeqesha weMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi imdfake amasondo.
Yakwenza lokhu nakuba ayeshaye umsebenzi oseqopheleni eliphezu ngokunqoba izicoco iminyaka eyisikhombisa ilandelana.
Umsebenzi wkaRulani wenza abalandeli beMamelodi Sundowns bashayele phezulu ngenxa yokungathinteki kalula.
UKapeluschnik ucashunwe kwiCitizen ethi : ” Konke kucacile manje. Kusele imidlalo emihlanu, kanti uRulani uzohlala kuze kube sekupheleni,’
URulani Mokwena usekhokhelwe wonke umholo wakhe kuze kube uFebruary kanti uzoshiya iWydad Casablanca ekupheleni kwale sizini, kusho i-agent yakhe uSteve Kapeluschnik.
UKapeluschnik utshele iRadio Mars ukuthi yena noMokwena nabanye abasebenzi bezobuchwepheshe beWydad, bahlangane nomengameli weWydad uHicham Ait Mena.
Lokhu kuza ngemuva kwemibiko eminingi ethi uMokwena ubesenezinyanga eziyisishiyagalombili engakhokhelwa yiWydad.
“Ngihlangane noMengameli u-Hisham, umqeqeshi, kanye nabasebenzi , futhi kwaba nokusekelana phakathi kwamaqembu amabili,” uKapeluschnik etshela iRadio Mars.
“Ngamtshela umengameli ukuthi: Uma ungafuni ukuthi uRulani ahlale, sazise futhi sizohamba. Kodwa uma nimfuna, myeke ahlale kuze kuphele isizini.
Kwavunyelwana kanjalo. Uzohlala kuze kube sekupheleni, bese sihamba ngendlela ehloniphekile nehloniphekile.”
“Ikusasa licacile manje. Sekusele imidlalo emihlanu, kanti uRulani uzohlala kuze kube sekugcineni.”
UKapeluschnik uphinde watshela iRadio Mars ukuthi uMokwena ukhokhelwe kuze kube February, kukhona nenye imali esasilele emuva.

