Kuzoshona elakusasa iPSL isicacisile ngodaba lweRoyal AM
SEKUBALWA amahora ngaphambi kokuthi ibhodi le-PSL lizohlangane kusasa ngoLwesine ukuze livotele ukuxoshwa kweRoyal AM kule nhlangano.
Lokhu kuvota kulandela isincomo sekomidi eliphezulu le-PSL sokuhoxisa ubulungu be-Royal AM.
IFARPost ibike ukuthi uMaMkhize ucele ukuba khona kulo mhlangano ozoba seSandton Convention Centre kusasa.
Lokhu kuhungahunyushwa ngezindlela eziningi kanti enye yazo ngethi mhlawumbe uMaMkhize usekwamukele ukunqunywa.
Enye incazelo kungaba ngethi, mhlawumbe uzofisa ukubeka uvo lwakhe noma acele ushwele kwibhodi yePSL.
Noma ngabe iyikuphi kodwa uMaMkhize kubhekeke ukuthi ashweleze emaqenjini ePSL axolise ngokwehluleka kweqembu ukuqhubeka nemidlalo yalo kule sizini.
IRoyal AM igcine ukudlala ngoDecember 29.
Idlale imidlalo engu-11 kuphela kule sizini, kanti amaqembu amaningi asedlale engu-25.
NgoJanuary, iPSL yamise yonke imidlalo yeRoyal AM ngenxa yezinkinga zemali leli ebelibhekene nazo.
Enye yezinkinga bekuwukukweleta umqoqi wentela okuyiSouth African Revenue Services (SARS) uR40 million.
Imizamo yokudayiswa kwale kilabhu esidlangalaleni ibhuntshile.
Usomabhizinisi waseThekwini uRoy Moodley owayenqobe umbango wokuyithenga esidlangaleni wehluleka ukufaka imali ngesikhathi okuvunyelwene ngaso,
Ngempelasonto edlule, uMaMkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane, babonakale emdlalweni wamanqamu we-Ingwenyama Cup Eswatini.
Kulapho kuqubuke khona amahlebezi okuthi kungenzeka ukuthi usezinhlelweni zokuthenga iMonani Pirates njengoba bebonakale beswenke umfaniswano wayo.

